Ele-PSL liqinisekise ukusayina umdlali weChiefs

2017-01-26 10:00

Cape Town - IPlatinum Stars isikuqinisekisile ukuthi isisayine umdlali weKaizer Chiefs ogijima esiswini, u-Enocent Mkhabela, ngesivumelwano sokubolekisa nesizoze siphele ngokuphela kwesizini ka-2016/17.

UMkhabela wajoyina amaGlamour Boys ekuqaleni kwale sizini evela kuSuperSport United kodwa wangakwazi ukungena eqenjini lokuqala kwezikamqeqeshi uSteve Komphela futhi akakaze adlale nomdlalo owodwa.

OLUNYE UDABA: ICeltic isishintshe umqondo ngomdlali weChiefs

Kodwa-ke lo mdlali oneminyaka engu-27 ubudala usethole ithuba lokuvuselela ikusasa lakhe ngokuhamba eNaturena, kanti manje uzobe ebheke ukuzithola kabusha kuDinaledi ngaphansi komqeqeshi uCavin Johnson.

Ngaphambili lo mdlali useke wadlalela le kilabhu kanti kubukeka sengathi uzozizwa esekhaya eRustenburg.

IMenenja Jikelele yeStars, uSenzo Mazingiza, uphawule kuTwitter account wathi: “Ukusayinwa kukaMkhabela kuletha ukubhalansa okukhulu njengoba eseke wasebenza nomqeqeshi wethu, uCavin Johnson, ngaphambilini”. 

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.