ElikaMengameli lichaza ngokulaxazwa kwesicelo sokubuyekezwa kombiko kaMadonsela

2017-10-26 19:32

Johannesburg – IHhovisi likaMengameli lithi isinqumo sokuhoxisa isicelo ebesibonakala njengesibalulekile sokuba umbiko kaMvikeli woMphakathi ubuyiselwe emuva sithathwe ngoba vele uMenganmeli Jacob Zuma ufuna ukusungula ikhomishini ezokwenza uphenyo nge-State Capture.

Abameli bamengameli ngoLwesithathu batshele iNkantolo eNkulu ePitoli ukuthi abasazimisele ngokufuna inkantolo ukuba iyalele ukuba umbiko ubuyiselwe kuMvikeli woMphakathi uma isicelo sabo siphumelela sokuba uhoxiswe.

UZuma usamile ekutheni izincomo ngombiko kumele zihoxiswe ngoba akekho omunye umuntu okumele amyalele ukuba alisebenzise kanjani igunya lakhe.

Lapha uMengameli ubhekise embikweni kaThuli Madonsela owaveza izincomo zokuthi kumele kube nophenyo ngezinsolo zokubanjwa kuMbuso ngobhongwane.

OLUNYE UDABAKulimale izingane itekisi ishayisa isigxobo

Ihhovisi likaMengameli lithi uZuma walibekela kwacaca iPhalamende ukuthi ufuna ukusungula ikhomishini ezokwenza uphenyo nge-State Capture.

“Akahlosile uMengameli ukuba inkantolo iyalele ukuba umbiko ubuyiselwe kuMvikeli woMphakathi ukuze ezophinde enze uphenyo olunzulu ngalolu daba”.

Nakuba kunjalo, ihhovisi likaMengameli kalizange lichaze ukuthi kungani pho lakubalula emaphepheni enkantolo ukuthi lizofuna umbiko ubuyiselwe kuMvikeli woMphakathi ukuze kwenziwe uphenyo olunzulu.

Ihhovisi likaMengameli lithi uZuma manje usenethuba lokuba enze lokhu akuthembisa ePhalamende, kodwa uyakuqonda ukuthi umphakathi kuzomele ulwethembe uhlelo futhi nomphumela walo kuzomele kube ngoqotho.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.