Elinye iqembu lePSL liphika ‘ukudayiselwa’ iziququma zaseThekwini

2017-06-01 12:30

Cape Town – Iqembu elidlala esigabeni sePremier Soccer League (PSL), iFree State Stars, seliyichithile imibiko yokuthi lingase lidayiswe kulandela imibiko yokuthi kunezithandani zaseThekwini eziyiziqumama ezihlela ukuyithenga njengoba zifuna indlela enqamulelayo yokudlala kuPremiership.

Ngokwe-we-website iSowetanLIVE,  uSbu kanye nonkosikazi wakhe, uShawn Mpisane, okuyimanje bangabanikazi bekilabhu ezinze eMgungundlovu iRoyal Eagles, banentshisekelo yokuthenga iFree State Stars bese bethuthela leli qembu KwaZulu-Natal.

OLUNYE UDABA:Owe-PSL unxusa iPirates ukuthi isayinise uSteven Pienaar

Isikhathi eside ngesizini edlule iRoyal Eagles, neqeqeshwa nguKosta Papic, bekubukeka sengathi ingase ikwazi ukuthi okungenani idlale imidlalo yama-play-off okuhlungelwa ukudlala kuPSL, kodwa yabuye yehlisa umgqigqo ngasekupheleni komqhudelwano, yagcina iqede isendaweni yesihlanu ku-log yeNFD.

Leli qembu lasalela emuva ngephuzu elilodwa nje kuphela kuStellenbosch FC, yona okuyimanje isidlala ama-play-off okuhlungelwa ukudlala kuPSL nalapho iqhudelana neBaroka FC kanye neBlack Leopards.

Ngenxa yalokho, kubukeka sengathi labo somabhizinisi baseThekwini sebekhethe indlela enqamulelayo yokuthi babe neqembu eligijima kuPSL nalapho kubukeka sengathi iFree State Stars yilona iqembu abalibhekile.

Kodwa-ke lokhu kuphikiwe yiGeneral Manager yeStars, uRantsi Mokoena, nothe yena akazi lutho ngemizamo yabakwaMpisane yokuthenga le kilabhu.

“Abantu bokugcina abakhuluma nathi ngombono wokuthenga ikilabhu kwaba (uNgqongqoshe wezeMfundo eGauteng) uPanyaza Lesufi futhi lokho kwaba ngonyaka odlule,” kusho uMokoena.

Uthi angeke baze bayidayise ikilabhu, wathi kuyimanje umatasa nezinhlelo zabadlali abazofika noma abazohamba eqenjini ukulungiselala isizini ezayo. 

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.