Ezakamuva ngabadlali bePirates abalimele

2017-02-15 18:03

Cape Town – Abadlali be-Orlando Pirates abangaconsi phansi, uThabo Rakhale kanye noThabo Qalinge, basazoke bathi ukuhlala amasonto ambalwa ngaphambi kokuthi babuyele enkundleni – ekubeni ngakolunye uhlangothi u-Issa Sarr yena kulindeleke ukuba abuye ngokushesha.

Laba badlali basesiswini bebelokhu bengekho esikwatini samaBhakabhaka emasontweni ambalwa edlule kanti ukungabibikho kwabo kubukeka kushiye isikhala eMayfair, kanti yize noma uSarr engase abuye kuleli sonto, angeke adlale emdlalweni neBidvest Wits ngoLwesithathu.

OLUNYE UDABA: Bahlela ukuyiduba imidlalo yePirates abalandeli

Ngokwe-website yale kilabhu, inkinga yokulimala kukaRakhale emsipheni ingase imgcine engadlali isikhathi esingamasonto amabili kuya kwamathathu.

Kodwa-ke angase asheshe abuye, nokuyinto ezomenyezelwa ngemuva kokuhlolwa kwakhe kuleli sonto.

Unozinti ohamba phambili, uBrighton Mhlongo, naye kulindeleke ukuba asheshe abuye ngemuva kokuthi ukuhlolwa kwakhe kuqede ukwesabela ukuthi kungenzeka ukuthi lo mdlali ulimele kakhulu.

Ngakolunye uhlangothi abadlali basesiswini, uGift Motupa, uMpho Makola kanye no-Edwin Gyimah bayalulama, kanti kungenzeka babe khona emdlalweni namaClever Boys e-Orlando Stadium.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.