EZAKAMUVA: Selikhishiwe igama nesithombe somlingisi odutshuliwe

2017-06-21 14:01

Johannesburg – Selikhishiwe igama kanye nesithombe somlingisi ophuthunyiswe esibhedlela esesimeni esibucayi kulandela ukuhlaselwa yizigebengu emzini wakhe oseRandburg.

UCelia Kriel, oke wathoa izindawo ezincane abezidlala kuGenenrations naku-7 de Laan, kubikwa ukuthi usesimeni esigculisayo esibhedlela, ngokusho kombiko weDrum.

Ngokombiko wasekuseni kuthiwa uKriel udutshulwe walimala ngesikhathi engenelwa yizigebengu emzini wakhe ezintatha ngoLwesithathu, kusho abezimo eziphuthumayo bakwaNetcare911.

OLUNYE UDABA: Kudutshulwe umlingisi wakuleli

Okhulumela le nkampani uChris Botha uphawule ngaleso sikhathi wathi imibiko yokuqala itshengisa ukuthi lo mlingisikazi udutshulwe kabili emlenzeni ngesikhathi kugasela oshayasibhamu abambalwa emzini wakhe.

Utholwe abosizo lokuqala esesimeni esibucayi.

Ube esethola ukwelashwa ngaphambi kokuphuthunyiswa esibhedlela.

Ukudutshulwa kwalo mlingisi kulandela ukushona ngesibhamu kukalowo owayelingisa kuGenerations, uMandla Hlatshwayo, okuthiwa wadutshulwa yizigebengu evikela abesifazane ababebanjwa inkunzi.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.