EZAKAMUVA: UBrown uyalele ibhodi lakwa-Eskom ukuba lihoxise isinqumo ngoMolefe

2017-05-31 14:00

Cape Town – UNgqongqoshe wezamaBhizinisi kaHulumeni, uLynne Brown, useyalele ibhodi yakwa-Eskom ukuba ihoxise isinqumo sokubuyisela esikhundleni uBrian Molefe njengesikhulu esiphezulu.

UBrown ucele ibhodi lakwa-Eskom ukuba liphinde limhlinzeke ngamagama abantu ababili abayizikhulu eziphezulu kule nkampani ephehla ugesi kuleli, yikhona kuzotholakala ozoba yibamba kubona.

UBrown uzobe eseyamemezela engakapheli amahora angu-48 ukuthi ngubani ozoba yisikhulu esisha salesi sikhondlakhondla senkampani.

“Sihlanganile nebhodi lakwa-Eskom namhlanje,” esho esithangamini sabezindaba eKapa.

OLUNYE UDABA: I-ANC eGauteng ithi ayimdingi uBrian Molefe kwa-Eskom

“Sibe sesivumelana, ngokubuka amaqiniso, ukuthi isinqumo sokuqokwa kukaMolefe kumele sihoxiswe.”

Lokhu kulandela isimemezele esenziwe yikomidi elakhiwe wongqongqoshe ukuthi kumele uBrown akhiphe umyalelo wokuthi sihoxiswe isinqumo sokubuyisela esikhundleni uMolefe.

Isinqumo sebhodi lakwa-Eskom sokuvumela uMolefe ukuba athathe umhlalaphansi ngaphambi kwesikhathi lase lishaya ungqimphothwe lamuqokela esikhundleni esifanayo futhi, ngamaphutha amabili ayengagwemeka, kusho izincomo zekomidi.

Ukuqokwa kukaMolefe kwavusa umsindo, ngisho ne-African National Congress yazwakalisa ukuthi uMolefe kuzomele ashenxe kulesi sikhundla.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.