EzakwaGupta zithi ngeke zikwazi ukuholela abasebenzi ngaphandle kwamabhange

2017-09-08 12:29

Pretoria – Izinkampani zomndeni wakwaGupta zibabele eNkantolo eNkulu yaseNorth Gauteng ngoLwesihlanu ngemizamo yokunqanda uphiko lweBank of Baroda eNingizimu Afrika ekuvaleni ama-akhawunti azo.

Ngokwemibiko, ibhange lithi zibalelwa kwezingu-45 izindlela okwasetshenziswa ngazo imali ngokuqondakali asebezibikele ne-Financial Intelligence Centre.

Lokhu kusetshenziswa kwemali, engafinyelela ku-R4.2-billion, kwenziwa ngamabhizinisi alo mndeni phakathi komhlaka-16 Septhemba 2016 nomhlaka-14 Julayi 2017.

Uma ama-akhawunti evalwa, izinkampani ezingaphansi kwe-Oakbay ngeke zikwazi ukuholela abasebenzi, ngokombiko we-Daily Maverick.

OLUNYE UDABA: Lehlile isasasa ngoMengameli Zuma emadolobheni - Ucwaningo

Kuthiwa izinkampni ezifake lesi sicelo zihlanganisa i-Annex Distribution, Confident Concepts, Sahara Computers, VR Laser Services, Islandsite Investments 188, Koornfontein Mines, Oakbay Investments, Optimum Coal Mine, Shiva Uranium, Tegeta Exploration, Westdawn Investments, Idwala Coal, neMabengela Investments, okuyizinkampani zonke ezithinteka kuma-email akwaGupta aputshuka.

IBank of Baroda inikeze lezi zinkampani kuze kuphele inyanga kaSepthemba ngaphambi kokuba buphele ubudlelwane bokusebenzisana.

Ngo-2016, amabhange amane namakhulu eNingizimu Afrika ayeka ukusebenzisana nezinkampani zakwaGupta.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.