EZINGENA MANJE: Akasekho emhlabeni umama kaMshoza

2017-06-21 12:29

Johannesburg – Umama womculi weKwaito uNomasonto “Mshoza” Maswanganyi akasekho emhlabeni kulandela isikhathi eside ebambekile.

Ngokubika kwephephabhuku iDrum, umama kaMshoza kumenele ngoLwesibili ebusuku.

Umama kaMshoza ubenenkinga yenhliziyo namaphaphu kanti ubehluleka ukuphefumula kahle.

NoMshoza naye usanda kuphuma esibhedlela kulandela inkinga abenayo yamaphaphu.

OLUNYE UDABA: Kumiswe amalobolo kuMshoza ‘okhulelwe’

Kuzokhumbuleka ukuthi kwake kwaba nemibiko ethi sekumiswe amalobolo ngenxa yokungaphatheki kahle ngokwezempilo kukamama kaMshoza.

UMshoza wakhuluma kabanzi neLANGA langeSonto ngoJanuwari nonyaka wathi namanje usamangele ukuthi ngabangani abanjani laba abahamba bekhefuza izindaba zakhe ngoba yena akakhulelwe.

Lokhu kungemuva kokuvela kwamahlebezi athi uzithwele.

“Mina bengiye kudokotela ngoba vele ngihlushwa yisifo sikashukela. Kabazange bayiqinisekise eyokukhulelwa,” esho.

Uthi ukugula kukanina yikho athi kuphoqe ukuba kuhlehliswe ukulethwa kwamalobolo kubo ngempelasonto yokugcina kule nyanga.

“Okungihlupha kakhulu nokwenza ngingapheli esibhedlela ukuthi kunabantu asebethi akucishwe imishini, kanti mina ngisenethemba lokuthi umama uzophila,” esho.

UMshoza akatholakalanga ukuba aphawule mayelana nokushona kukamama wakhe.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.