EZINGENA MANJE: I-SABC isimxoshile uHlaudi Motsoeneng

2017-06-12 16:20

Johannesburg – USihlalo webhodi lakwaSABC, uKhanyisile Kweyama, uthi ibhodi lale nhlangano lizamukele izincomo zokuthi lixoshe obeyisikhulu esiphezulu sale nhlangano yezokusakaza, uHlaudi Motsoeneng. UMotsoeneng uxoshelwe ukungaziphathi kahle kanye nokufaka iSABC ehlazweni.

UKweyama udalule lokhu esithangamini seSABC nabezindaba esiqhubekayo emahhovisi ale nhlangano yezokusakaza e-Auckland Park, eGoli.

Ngaphambilini ngoMsombuluko, iNews24 ibike ukuthi lowo owayeyi-COO yeSABC, uHlaudi Motsoeneng, ulahlwe amacala abebekwe wona ekuqondisweni izigwegwe kwangaphakathi, umthombo othembekile osondelene nesigcawu sokuqondisa izigwegwe utshele iNews24.

OLUNYE UDABA: UHlaudi Motsoeneng ulahlwe amacala eqondiswa izigwegwe yiSABC

UMotsoeneng ubebhekene namacala okufaka iSABC ehlazweni kanye nokudala umonakalo ongalungiseki kumqashi wakhe.

La macala abemayelana nesithangami sabezindaba asibamba nesadonsa amahora amane ngomhlaka-19 ku-Ephreli, nalapho avikela khona umgomo wakhe wokudlalwa “okungu-90% komculo wasekhaya”.

Waphinde wagxeka ikomiti lasePhalamende elanikwa umsebenzi wokucubungula udaba lwalowo owayeyilungu lebhodi ngaphambilini futhi osebhodini lesikhashana leSABC, uKrish Naidoo.

Bese kuvele kulindelekile ukuthi ibhodi lesikhashana namhlanje lizoba nomhlangano ukubhunga ngalesi sinqumo sikaSihlalo wesigcawu sokuqondisa izigwegwe, u-Advocate Nazeer Cassim.

Ngesikhathi ecelwa ukuba aphawule, uCassim uthe ukhiphe umbiko ekuseni ngoMsombuluko, wathi iSABC kuphela ezokwenza isimemezelo.

Okhulumela iSABC, uKaiser Kganyago, utshele iNews24 ukuthi ubengakawuboni umbiko, wathi futhi uzophawula ekuhambeni kwesikhathi.

Ngaphezu kwalokhu sekukaningana uMotsoeneng ekhala ngaphansi ezinkantolo ezehlukene.

IJaji laseNkantolo eNkulu yaseWestern Cape, u-Owen Rogers, wanquma ngoDisemba 2016 ukuthi uMotsoeneng  akasavumelekile ukuthi aphinde asebenze eSABC, kuze kube kubekwa eceleni umbiko walowo owayengumvikeli womphakathi, uThuli Madonsela noma kube nesigcawu esisha sokuqondisa izigwegwe esizomthola engenacala.

Usidlulisela phambili leso sinqumo.

NgoNovemba 2015, iNkantolo eNkulu yaseWestern Cape yanquma ukuthi ukuqokwa kwakhe njenge-Chief Operations Officer kwakungenasizathu futhi akukho emthethweni, yabe isikubuyisela eceleni. Inkantolo yamnqabela igunya lokuthi adlulisele lesi sinqumo phambili.

NgoSepthemba 2016, iNkantolo yokuDluliswa kwamaCala nayo yaphinde yamnqabela igunya lokuthi adlulisele phambili isinqumo senkantolo.

NgoMeyi kulo nyaka, iNkantolo yezabaSebenzi yachitha isicelo sakhe sokuthi kumiswe ukuqondiswa kwakhe izigwegwe kanye nokuthi uCassim ahoxe esigcawini sokuqondiswa kwakhe izigwegwe.

UMotsoeneng akatholakalanga ukuba aphawule. 

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.