Johannesburg – Abaphathi bomsebenzi,
umndeni kanye nabangani besihlabani somculo wowokholo, uLundi Tyamara, sebecele
iNingizimu Afrika ukuba ikhulekele lo mculi.
Sekuphele amasonto amane uLundi angeniswa
esibhedlela esiseGoli njengoba kuthiwa une-TB yesisu kanye nenkinga yesibindi, kubika iphephabhuku iMove.
“Siyawubonga kakhulu
umsebenzi owenziwa amanesi kanye nodokotela uqinisekisa ukuthi uLundi
uyelumalama.
OLUNYE UDABA: UMboro ufuna ukukhipha uLundi esibhedlela sikahulumeni - Umbiko
“Siyabonga futhi
nangokwesekwa esikutholayo kubantu bakuleli. Sithanda ukunxusa abalandeli nabo
bonke abantu bakuleli ukuba babeke uLundi emkhulekweni.
“Isimo sakhe sibucayi
kakhulu manje. Sinethemba lokuthi uNkulunkulu uzomphilisa yingakho sicela imikhuleko,” kusho isitatimende
somndeni.
Kuke kwavela izindaba
ezithi uMfundisi Paseka "Mboro" Motsoeneng ukuqinisekisile ngesonto eledlule ukuthi
ucele umndeni kaLundi ukuba umvumele athathe lo mculi amfake esibhedlela
esizimele, kubika iTshisaLIVE.
Lokhu kulandela ukuthi lo mfundisi wodumo avakashela lesi
sihlabani esibhedlela njengoba kubikwa ukuthi sisesimeni esibucayi.