EZINGENA MANJE: Kudutshulwe abantu angu-7 enkabeni yeGoli

2017-09-06 15:02

Johannesburg - Kudutshulwe abantu abayisikhombisa balimala ngaphandle kwamaflethi aseBraamfontein, enkabeni yedolobha iGoli, kusho abezimo eziphuthumayo ngoLwesithathu.

Okhulumela i-ER24 uRussel Meiring uthe bafike endaweni yesigameko bathola owesifazane kanye namadoda ayisithupha belele phansi ngakula maflethi akuKerk Street.

UMeiring uthe ababili kulaba bebesesimeni esibucayi kanti laba abanye abayisihlanu bathole ukulimala okungabeki impilo yabo engcupheni.

"Abosizo lokuqala babe sebehlinzeka izisulu ngosizo lwezempilo kwathi laba abalimele kabi baxhunywa imishini."

Kuthe sebethole usizo, baphuthunyiswa ezibhedlela ezahlukene esifundazweni.

Okhulumela amaphoyisa uCaptain Kay Makhubela utshele iNews24 ukuthi usaphuthuma endaweni yesigameko, uzophawula ngokuhamba kwesikhathi.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.