EZINGENA MANJE: U-Abrahams umemezee ukuthi uzoshushiswa uZuma

2018-03-16 16:05

Pretoria - Inhloko yeNational Prosecuting Authority uShaun Abrahams usememezele ukuthi uzoshushiswa lowo owayengumengameli uJacob Zuma kulesi simemezelo ebesibhekwe ngamehlo abomvu.

UZuma ubhekene namacala angu-18 enkohlakalo nawokukhwabanisa ayamaniswa nezinkokhelo ezingu-783 ezenziwa yilowo owayengumeluleki wakhe uShabir Shaik.

Lokhu kuza ngemuva kwempi yasenkantolo esidonse iminyaka engu-9 eyadla abakhokhi bentela imali engaphezu kuka-R15 million ngezindleko zomthetho.

OLUNYE UDABA: U-Abrahams uzosimemezela namhlanje isinqumo ngokushushiswa kukaZuma

Lo mnyakazo ulandela isinqumo sangonyaka owedlule esenziwa yiNkantolo eNkulu yokuDluliswa kwamaCala kulandela isinqumo senkantolo esabeka eceleni isinqumo sango-2009 sokuhoxisa amacala ayebhekene noZuma.

Ithimba lezikhulu ze-NPA zichithe amaviki amane zicubungula izizathu zikaZuma zokuthi kungani kumele angashushiswa enkantolo ngemuva kokuzifaka ngasekupheleni kukaJanuwari.

U-Abrahams wamemezela emasontweni amabili edlule ukuthi usezitholile izincomo kuleli thimba futhi usekulungele ukwenza isimemezelo.

U-Abrahams, ngaphambi kokuba enze lesi simemezelo, uphinde wazwakalisa nokuthi usemazisile uZuma ngaso.


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.