EZINGENA MANJE: Usemenyezelwe njengomengameli omusha we-ANC uRamaphosa

2017-12-18 18:59

Durban – Imiphumela itshengisa ukuthi uCyril Ramaphosa usekhethwe njengomengameli omusha we-ANC kule ngqungquthela yokukhethwa kobuholi ebibhekwe ngamehlo abomvu ebanjelwe, eGoli.

Kulo mjaho wesikhundla sikamengameli wale nhlangano bekuqhudelana uSekela Mengameli uRamaphosa noDlamini-Zuma.

Le ngqungquthela ebanjelwe eNasrec, yandulelwe yizigigaba eziningi ezibandakanya ukuphuma kwezinqumo zezinkantolo eziveza ukuthi ama-PEC amathathu awekho semthethweni ngoba akhethwa ezingqungqutheleni zezifundazwe ezingekho emthethweni.

Lawo ma-PEC ngawaseFree Stae, eNorth West naKwaZulu-Natal.

Ukungavoti kwezithunywa eziqhamuka kulezi zifundazwe bekubukeka kuzomlimaza kakhulu uDlamini-Zuma njengoba bekuvela ukuthi zihambisana naye.

Ukukhethwa kukaRamaphosa kusho ukuphela kwamahlandla amabili kaMengameli Jacob Zuma eqhoqhobele lesi sikhundla.

UZuma ukhulume ngoLwesihlanu wathi ukulungele ukuthunywa yilowo ozobe engumengameli olandelayo futhi uthembisa ukusebenza ngokuzimisela.


Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.