EZINGENAYO: Ingamampunge eyokukhothama kweNkosi uVela Shembe

2017-02-15 09:30

Durban - Ibandla laseThembezinhle liveze ukuthi angamampunge amahlebezi aqale ezinkundleni zokuxhumana ngokukhothama kweNkosi uVela Shembe.

Ngokusho kukaNkululelo Mthembu okhulumela ibandla laseThembezinhle, bashaqekile ngalokhu abakubone ezinkundleni zokuxhumana kanye nemibiko ephume ephepheni iSolezwe ngokukhothama kweNkosi uVela Shembe.

"Yize kusithusile ukusabalala kwala mahlebezi esiwabone eqala ezinkundleni zokuxhumana, kodwa singakuqinisekisa ukuthi iNkosi isaphila futhi ayixinekile nakancane.

Echaza ngokuthi asuka kuphi la mahlebezi, uMthethwa uthi baqale ukubona imibhalo mayelana nokukhothama kweNkosi kowesimame odlulise "awenduduzo eNkosini,"

OLUNYE UDABA:AmaNazaretha asenomholi omusha

Ngesikhathi abeZindaba24 bephenyisisa ngalolu daba bathole ukuthi osewimame onguPhumelele Goqo uyena msusa wawo wonke la mahlebezi, nkanti lona wesimame usenqume ukuwususa umbhalo wakhe wafaka omunye lapho exolisa khona ngalokhu akubhalile.

Uthi naye ubebuza ukuthi ngabe kuyiqiniso kangakanani ukuthi iNkosi isikhotheme, hhayi ukuthi kukhona okubi ayifisela khona.

UMthethwa uthi yize inkosi ikushaya indiva lokhu, ikhathazekile ngamalungu ebandla layo angase afune ukulandela umkhondo walo wesimame ukuze atholisise ukuthi ukuthathaphi lokhu akubhalile.

"INkosi inxusa amalungu ebandla ukuba ehlise umoya, angathatheli izinto phezulu ngoba bahlela ukuthi balandele ingalo yomthetho ukuze kulungiswe lesi simo."

Kuzokhumbula ukuthi iNkosi uVela "Imisebeyelanga" Shembe uyena owanqoba impi yobuholi bebandla lamaNazareth ngonyaka odlule.

Yize kunjalo, ibandla laseBuhleni laveza ukuthi lizosiphikisa lesi sinqumo senkantolo kanti okwamanje akukaqondakali ukuthi bazobuyela nini enkantolo.


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.