EZINGENA MANJE: AbakwaGupta sebedayise enye inkampani

2017-08-23 09:36

Cape Town – Inkampani yomndeni wakwaGupta, i-Oakbay Investments, isidayise iTegeta Exploration and Resources iyidayisela inkampani yaseSwiss (Switzerland), iCharles King SA, ngesamba semali esingu-R2.97bn, imemezele kanjalo ngoLwesithathu.

Le nkampani iseqhulwini embikweni walowo owayenguMvikeli woMphakathi, uThuli Madonsela, iState of Capture (ukulawulwa kombuso), nowathola ukungahambisi kahle mayelana nokusebenzisana kwayo no-Eskom. UBrian Molefe wabeka phansi izintambo kwa-Eskom ngenxa yalo mbiko ngo-2016.

Indodana kaMengameli Jacob Zuma, uDuduzane, naye ubengomunye wabanikazi bamasheya kule nkampani.

ITegeta, nehlanganisa i-Optimum, iKoornfontein kanye ne-Optimum Coal Terminal, “kamuva ibone uguquko olusheshayo ezimalini zayo”, i-Oakbay isho kanjalo esitatimendeni. “Evela ekutakulweni kwebhizinisi esikhathi esingaphansi konyaka esedlule, lama bhizinisi womathathu manje asebekwe esimweni sokugcina ukuqhubekela phambili futhi enze inzuzo.”

OLUNYE UDABA: AbakwaGupta sebedayise isiteshi i-ANN7 kanye nephephandaba i-The New Age

“Lokhu kudayisa kuncike kwimibandela yokulawulwa kanye nokugcinwa kwemibandela yesivumelwano, okulindeleke ukuthi kuphothulwe esikhathini esiyizinyanga ezingu-12.

“I-Oakbay ibeke umbandela wokuthi umthengi kumele avikele imisebenzi emayini. Ngaphezu kwalokho, isivumelwano sikubeke umbandela wokuthi umthengi kumele abe namasheya angekho ngaphansi kwangu-30% azonikezwa umlingani ozofukulwa omnyama.

“Lokhu kudayisa kuyingxenye yokuzibophezela kwe-Oakbay  ekuvikeleni imisebenzi kanye nokunikeza isiqiniseko kubasebenzi abangaphezu kuka-7 500 abasebenza kanzima enkampanini kanye nokuvikela umongo wokubaluleka kwebhizinisi abasebenza kulona.

“Ngaphansi komnikazi wamasheya onobuningi, i-Oakbay ikholwa ukuthi kokubili ibhizinisi kanye nabasebenzi bazoba nekusasa eliqhakazile futhi eliyimpumelelo nelibafanele. Lokhu kudayisa kuzophinde kuvulele abanikazi bamasheya isikhathi sokugxila ekugezeni igama labo phambi kwezinsolo ezingenasisekelo zabezindaba,” le nkampani isho kanjalo.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/World
 

Our top picks for doggo post of the week

All the best social media shared posts about our favourite furry friends!

 

Paws

Meet the unstoppable two-legged cat taking over the interwebs!
10 foods you should NEVER feed your dog!
Pet owners are spending thousands on animal birthday parties! Here’s why…
WOOF Project: The pop-up dog adoption station
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.