Ezinye izinsolo ngezikhulu zesibhakela

2017-10-03 07:00

Durban - Zisolwa ngokushaya indiva isinqumo sokumiswa kwazo izikhulu zamankomane ILANGA eselibike ngazo izikhawu ezimbili.

Zimiswe emuva kokusolwa ngokujivaza isithunzi sabashayisibhakela besifazane kwi-KZN Elite Championships 2017 eMnambithi, maphakathi neKwaZulu-Natal ngoNhlangulana (JunI).

UMnu Nathi Hlatshwayo, uNkk Bridget Bowers noMnu Alphias Mngomezulu, bamiswe unyaka wonke yiSouth African National Amateur Boxing Organisation (Sanabo) - abangaphansi kwayo - kusukela mhla zili-18 kuMandulo (Septhemba).

UMnu Hlatshwayo kuthiwa ubonakele ezimpini zokuhlungela iCommonwealth Games ebezimhla zinga-20 kuMandulo esebenza sengathi kakonakele lutho kanti uNkk Bowers yena kuthiwa ubemile nje engasebenzi. Ubonakale enoMnu Sandile Sibisi ongumengameli we-Olympics Style Organisation KwaZulu-Natal - engaphansi kweSanabo - behlangene ngamakhanda befundisana amaphepha athile.

Imithombo yaleli phephandaba ithi ukubonakala kwakhe kulo mqhudelwano kakwehlanga kahle kwabanye abashayisibhakela abebekulezi zimpi ngoba bebazi ukuthi umisiwe. Kuzokhumbuleka ukuthi lezi zikhulu zisolwe ngokuhlukumeza abashayisibhakela besifazane ngesikhathi bekalwa emdlalweni yeKZN Elite.

Kule midlalo abashayisibhakela besifazane bakhale ngokuthi izikhulu zesilisa kazifunanga ukuphuma ngesikhathi sebekalwa. Bakhumule baze basala ngezingubo zangaphansi phambi kwazo.

Abanye abashayisibhakela besifazane bakhale ngamazwi anokujivaza nokuhlukumeza abevela kulezi zikhulu njengoba esinye sazo kuthiwa sibuze elinye ibhokisa ukuthi ligqoka usayizi bani we-bikini ngoba sifuna ukulithengela.

OLUNYE UDABA: Sibhekene namacala isikhulu samajele eKZN

Kuthiwa esinye salezi zikhulu sike sazwakala sikhala ngokuthi kunabashayisibhakela abanamabele awile. Abashayisibhakela bakhale ngokuthi uNkk Bowers obeyinhloko yeWomen's Commission akenzanga lutho ngesikhathi bemubikela ngokuhlukumezeka kwabo. 

Leli phephandaba lipotshozelwe ngomunye umthombo ongaphakathi kule nhlangano ukuthi vele kunokushayisana kwemibono nokuthi kunezikhulu ezingondlovukayiphikiswa, ezenza ukuthanda kwazo.

"Okubi wukuthi isenzo sabo singagcina sibanomthelela omubi emdlalweni wesibhakela njengoba nenhlangano yaphesheya kwezilwandle i-International Boxing Organisation (IBO), seyazi ukuthi kunezigameko ezinjengalesi ezenzekayo okungaholela ekutheni imise lesi sifundazwe kwezamankomane uma kunabantu abangatshelwa,” kusho lo mthombo.

UMnu Andile Mofu ongumengameli weSanabo, uvumile ukuthi lezi zikhulu zimisiwe wathi kazivumelekile ukuzibandakanya nezinto ezimayelana namankomane isikhathi esingangonyaka, kusuke mhla zili-18 kuMandulo.  

Uthe bona njengenhlangano kayikho into abangayenza uma sebekhiphe isinqumo kodwa yizikhulu zaKwaZulu-Natal okumele ziqinisekise ukuthi imithetho yonke iyalandelwa. "Ukube kwasekuqaleni izikhulu zaKwaZulu-Natal ziqinisekisile ukuthi kulandelwa imithetho injengoba injalo, ngabe kazikho lezi zinkinga

ezingaka esibhekene nazo esizama ukuzixazulula kulesiya sifundazwe. Uma kuwukuthi kunezikhulu ezimisiwe kodwa zisaqhubeka nokusebenza, kusho ukuthi yiKwaZulu-Natal ehlulekayo wukuqinisekisa ukuthi imithetho nemigomo iyalandelwa," kusho yena.

UMnu Sibisi uthe beyiKwaZulu-natal bayazi ukuthi lezi zikhulu zigwetshiwe kodwa iSanabo kayichazanga ukuthi isigwebo sabo sisho ukuthini nokuthi siqala nini.

"Kulinqiniso ukuthi ababili balaba abagwetshiwe bebekhona kodwa bebengasebenzi. Njengamanje ngisabhale incwadi ngicela ukuthi sichazelwe ukuthi ukugwetshwa kwabo kusho ukuthi, yikuphi abavumelekile nabangavumelekile ukukwenza. Nencwadi ebamisayo kayichazi ukuthi isigwebo sabo siqala nini. Nathi njengeeKwaZulu-Natal simatasa siyaphenya ngalolu daba," kusho uMnu Sibisi. 


nonhlakaniphos@ilanganews.co.za

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.