EZISHISAYO: Kuvela ezithi ucwile ezikweletini uQhubinja

2017-01-25 14:32

Durban - Unyaka ka-2017 uqale ngelikhulu isasasa amabhinca ethi lo unyaka wawo wokuduma nokuba sezingeni eliphezulu.

UQhubinja nge'Gala Lendlamlenze Ntombela uphenduke isilomo ezinkundleni zokuxhumana ekhangisa imisiko ethathwa njengeyabantu abangamabhinca.

Leli geza laba nengxoxo nabasakazi boKhozi FM nokuyilapho elaveza khona ukuthi lisamangele ngodumo olungaka kangangokuba sebebaningi abantu abalimema emicimbini eyahlukahlukene.

“Sengiyafa yizingcingo ngize ngaluvala ucingo ngoba lukhala nasemsebenzini kanti akuvumelekile ukuthi ngilokhu ngilusebenzisa. Abangifonelayo ngibatshele iqiniso lokuthi angikwazi ukuphatha umcimbi kodwa bathi bazongikhokhela.

OLUNYE UDABA:Ungasitsheli ngemadlana thina siphethe uQhubinja ka-R12 000

“Ngeke ngiyinqabe imali uma bengidinga, angisuki ku-R12 000, ohlulwa yileyo mali akaxole. Umcimbi esenginesiqiniseko sawo uzoba ngoMashi eThekwini woswenka," kulandisa uQhuninja.

Wase ethula kangaka kulezi nsuku kwenzenjani?

Kungenzeka yini ukuthi uthule kanjena kulezi zinsuku uQhubinja yingoba ecwile ezikweletini?

Lokhu kuvele ngenkulumo efakwe ngowesilisa ekhasini laleli bhinca lakwaNtombela lapho kuvela khona ukuthi uxinwe yisikweletu angasakwazi ukusikhokha.

Kule nkulumo le nsizwa iveza intukuthelo yayo ngokuthi uQhubinja uyatanasa ezinkundleni zokuxhumana kodwa lutho ukukhokhaimali yayo.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.