Funda isitatimende sikaRamaphosa ngomhlangano wakhe noZuma

2018-02-07 16:01

Johannesburg - ISekela likaMengameli wezwe uCyril Ramaphosa uthi yena noMengameli Jacob Zuma baqale izingxoxo ngoLwesibili ebusuku mayelana nesikhundla sakhe njengomengameli wezwe.

Nasi isitatimende sikaRamaphosa:

Bantu baseNingizimu Afrika,

Sekube nokuhlawumbisela okuningi kanye nokukhathazeka mayelana nesikhundla sikaMengameli Jacob Zuma njengenhloko yezwe kanye nohulumeni wezwe.

Ngithanda ukucacisa ezinye izinto mayelana nalolu daba.

NgoLwesibili ebusuku, uMengameli Jacob Zuma nami siqale izingxoxo ubuso nobuso mayelana noguquko kanye nodaba oluphathelene nesikhundla sakhe njengomengameli wezwe.

Lezi zingxoxo zibe yimpumelelo kanti ziyisisekelo sesixazululo esisheshayo ngalolu daba oseludonse amehlo abantu abaningi.

Mayelana nenqubekelaphambili, kuvunyelwene ngokuthi kuhlehliswe umhlangano we-ANC National Executive Committee obuhlelelwe uLwesithathu. Lokhu kuzovumela uMengameli Zuma kanye nami ukuthi sikwazi ukuphothula izingxoxo bese sethula umbiko ezweni kulezi zinsuku ezimbalwa ezizayo.

Ngiyazi ukuthi ukungacaci kahle ngesikhundla sikaZuma kudala ukukhathazeka ezweni. Siyakuqonda lokho. Nokho, nginethemba lokuthi lo mgudu esiwuthathile uzophuma nesiphetho esingeke sibheke lokhu kukhathazeka kuphela, kepha siphinde sihlanganise abantu baseNingizimu Afrika nokungumsebenzi ekumele siwenze ekwakheni leli lizwe.

Sizokwazi ukuxhumana nani ngokuhamba kwesikhathi mayelana nodaba lukaMengameli Zuma uma sesiziphothulile izingxoxo.

Yize isimo njengamanje siphoqe ukuba kuhlehliswe inkulumo ebhekiswe esizweni, umsebenzi kahulumeni nowePhalamende uyaqhubeka.

Lesi yisikhathi esinzima ezweni, kimina nakumengameli kanti futhi siyazi ukuthi abantu badinga "ukubekwa esithombeni" ngokuqhubekayo.

Kulezi zingxoxo ngiqhutshwa wumgomo wokwazi ukuthi izidingo zabantu bezwe yizo eziseqhulwini.


Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts

Jobs in Cape Town [change area]

Jobs in Western Cape region

IT Manager (contract)

Cape Town CBD
Communicate Cape Town IT
R330 000.00 - R458 000.00 Per Year

Reporting Accountant

Cape Town
Network Finance Professional / Prudential
R310 000.00 - R360 000.00 Per Year

Cluster Financial Manager

Cape Town
Network Finance
R950 000.00 - R1 000 000.00 Per Year

Property [change area]

There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.