Gavin Hunt: Ngiphoxeke kabi

2017-04-05 11:00

Cape Town – Umqeqeshi weBidvest Wits, uGavin Hunt, akazange agudle iguma ngokugxeka abadlali bakhe nemuva kokuthola isibhaxu kanye nokukhishwa emqhudelwaneni weNedbank Cup yiJomo Cosmos.

EzikaJomo Sono zihambe phambili ngesiwombe sokuqala ngegoli elakhiwe yindodana yakhe, uMatsilele. U-Onassis Mntambo ube eselivalela phakathi yize noma amaClever Boys ebuye aphindisela ngesiwombe sesibili ngegoli lokulinganisa elishaywe uMogakolodi Ngele.

OLUNYE UDABA: Kusasekuseni ukuba sekungakhulunywa ngokugawulwa yizembe - OwePirates

Ngemuva kwalokho awekho amanye amagoli abuye angena kulo mdlalo obudlalelwa enkundleni yezemidlalo iTsakane Stadium nokuholele ekutheni umdlalo uye ku-extra time, kwase kwaba amaphenathi, nalapho Ezenkosi ziwine khona ngo-5-4.

“Kunzima ukudlala neCosmos, besazi ukuthi sibhekene nani futhi zonke izincomo zikubona. Benze obekumele bakwenze futhi badlulele phambili,” uHunt ucashunwe kanjalo yiKickOff.

“Kusasa, akekho ozokhumbula ukuthi badlulele kanjani phambili kodwa ukuthi badlulile. Angazi ukuthi besiligcina kanjani ibhola ngaphakathi kanye nangaphandle kwebhokisi, kodwa iningi labadlali engibanike ithuba bebengekho ezingeni.

“Ufunda okuningi ngabantu abathi benikwe ithuba kodwa bangalisebenzisi. Ngakho sizophinde siqoqane bese siphinde siqale kodwa ngiphoxeke kabi ngoba bengicabanga ukuthi senze okwanele ukuzama ukuthi sisebenze [ ukuze siphumelele].

“Kuhlale kunzima ukudlala noJomo [Sono] futhi besikwazi lokho, ngakho bekumele sibe ngcono. "

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.