#GuptaEmails: Konke odinga ukukwazi ngokuputshuka kwama-email

2017-06-01 14:06

Cape Town – Sekuhlale obala inqwaba yama-email achaza kabanzi ngokuxhumana okwenzeka phakathi komndeni wakwaGupta kanye nalabo abadlelana nawo nosekuveze imininingwane enzulu mayelana nokugamanxa kwalo mndeni ezindabeni ezithinta uhulumeni.

La ma-email, atholwe yiCity Press, aveza ukuthi lo mndeni wezinjinga usukwaze kanjani ukwenza ibhizinisi nohulumeni, ukununusela izikhulu zikahulumeni ngebhodwe elinconsayo kanjalo nokusiza uMengameli Jacob Zuma ukuthi athuthele umndeni wakhe eDubai.

La ma-emails aphinde aveze nokuthi lo mndeni wakwazi kanjani ukuyenga izikhulu zikahulumeni emizamweni yawo “yokubamba uMbuso ngobhongwane”.

Ubufakazi bulokhu buqonge njalo, kepha nakhu esikwaziyo okwamanje:

Uhlelo lukaZuma lokuthuthela umndeni eDubai

Enye yama-email akushiya ubambe ongezansi aqhamuka kulowo oyisikhulu esiphezulu senkampani yakwaGupta iSahara Computers, u-Ashu Chawla, ibhekiswe kundodana kaZuma, uDuduzane. Ibandakanya incwadi evela kumengameli ibhekiswe kwiNkosana yase-Abu Dhabi uGeneral Sheikh Mohammed bin Zayed Al Nahyan, futhi itshengisa ukuthi uZuma usondelene kangakanani namaGupta..

UDABA OLUPHELELE 


Abameli bakwaGupta bayaphendula: 'Kunenhlansi yezepolitiki'  

Ummeli womndeni wakwaGupta uGert van der Merwe uthi kubukeka sengathi la ma-email aputshuzelwe iphephandaba langeSonto aputshuzwe ngamabomu khona ezoba nomthelela emhlanganweni we-NEC ye-African National Congress.

"Kusobala ukuthi la ma-emails aputshuzwe ngoba kukhona ugcobho wezepolitiki, futhi angingabazi ukuthi kumayelana nokwenzeka e-Irene namhlanje [ngeSonto].”

UDABA OLUPHELELE 


Amaqembu aphikisayo ayaphawula: UZuma namaGupta bahola ubugebengu obuqhubeka kuleli - Maimane 

Umholi weDemocratic Alliance uMmusi Maimane ngeSonto uthe ukuputshuka kwama-email ashicilelwe ephephandabeni langempelasonto awubufakazi obuqinile bokuthi “buningi ubugebengu obuqhubekayo kuleli”, obuholwa wumndeni wakwaGupta nowakwaZuma.

Lokhu kungemuva kokuthi iCity Press neSunday Times ifolose ngalokhu kuputshuka kwezingxoxo zama-email, neziveza ubudlelwano phakathi kukaZuma nomndeni wakwaGupta.

"Namhlanje [ngeSonto] imibiko eveza ubufakazi obubhalwe phansi ngohlobo lwama-email aqinisekisa ukuthi iNingizimu Afrika ibanjwe ngobhongwane ngamaGupta,” kusho uMaimane esitatimendeni.

UDABA OLUPHELELE


#GuptaEmails: Funda amaphepha 

Umqulu wokuqala wama-email aputshukile uyavela. 

Inqwaba yama-email aphakathi komndeni wakwaGupta, izikhulu zamaphoyisa abazethembile kanye noDuduzane Zuma, atshengisa imininingwane emisha ngezinhlelo zamaGupta zokulawula iNingizimu Afrika. 

FUNDA AMAPHEPHA 



UDes van Rooyen ukhale ngodaba olusenkantolo kuputshuka ama-email  ‘anobufakazi’  nge-State Capture

UNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana uDes Van Rooyen ngeke aphawule ngemibiko yabezindaba evele ngeSonto ethi izindleko zonke zohambo lwakhe lwaseDubai ngo-2015 zakhokhelwa abakwaGupta, ngoba lolu daba lusezithebeni zenkantolo, ngokusho kwehhovisi lakhe.

"UNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu umhlonishwa uDes van Rooyen uzibonile izindaba ezivele namhlanje, mhlaka-28 Meyi, kwamanye amaphephdaba angeSonto,” kusho isitatimende esifushane.

"UNgqongqoshe uyagcizelela ukuthi izinto ezivele kulolu daba ziyingxenye yokubuyekezwa kombiko owaziwa nge-state capture, ngaleyo ndlela ngeke aphawule ngezinto eziphambi kwenkantolo.”

UDABA OLUPHELELE 


OLUKHETHEKILE: Okumatakisa umndeni wakwaGupta nosolwa ngokusiza lo mndeni ekuhlaleni kwendiza yawo eWaterkloof

Owesilisa obelokhu esolwa ngokuthi uyathinteka odabeni lokuhlala kwendiza yabakwaGupta eWaterkloof Air Force Base ngo-2013, kungokokuqala kuvela obala okumhlanganisa ngqo nomndeni wakwaGupta.

"Yeseka noma ngabe yini ayifunayo,”  kubhala lowo okuthiwa ungaphakathi kwaGupta ngesikhathi ephendula isicelo sikaBruce Koloane - owayeyisikhulu sikahulumeni owadlala indima enkulu ekusizeni abakwaGupta ukuba bathole imvume yokuba ibhanoyi labo lihlale eWaterkloof – sokuba kuxhaswe usuku lomdlalo wakhe wegalofu okubukeka sengathi lwalungo-2016.

Le email - eveza okokuqala okuhlanganisa lowo owayehlela izinto zoMbuso eMnyangweni wezoBudlelwane namazwe oMhlaba kanye nomndeni wakaGupta - iyingxenye yama-email amaningi atholwe yi-City Press.

UDABA OLUPHELELE 


I-DA ivulele uZuma kanye nabanye icala 

I-DA ivulele amacala uMengameli Jacob Zuma kanye nabanye abangu-11 esiteshini samaphoyisa eKapa ngoLwesibili.

Ephelezelwa yilowo owayekwezokushushiswa komphakathi noseyilungu le-DA ePhalamende uGlynnis Breytenbach, kanye nelungu lePhalamende uKevin Mileham, uMaimane uthe icala balivule kulandela imibiko yangempelasonto mayelana nokuputshuka kwama-email, okuthiwa aqukethe okushaya amanzi ngobudlelwane bomndeni wakwaGupta nongqongqoshe bahulumeni.

UDABA OLUPHELELE 


Buthelezi: Uhambo lwami olulodwa lwasemzini wakwaGupta alubalulekile kangako

Umholi weNkatha Freedom Party uMangosuthu Buthelezi ngoLwesibili ugxeke umbiko ochaza ngohambo lwakhe olulodwa olwaluya emzini wabakwaGupta eSaxonwold, eGoli.

IThe Times idalule i-email ihhovisi lakhe elayithumelela uTony Gupta ngo-2016 ecela ukuba alungiselwe ukudla okungeke kumphathe kabi njengumuntu onesifo sikashukela uma sebedla isidlo sasemini.

"Kuyathusa ukuthi lokhu kuthathwe njengodaba olubalulekile. Uma umuntu emenyiwe ukuyodla isidlo sasemini, kuvamile ukuba lowo ommemile abuze ngohlobo lokudla akudlayo,”  usho kanje esitatimendeni.

"Sekuphele iminyaka ihhovisi lami liluleka ngokuthi nginesifo sikashukela, liphinde lihlinzeke ngemigomo ebalulekile okumele ilandelwe.”

UDABA OLUPHELELE 

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.