#GuptaLeaks: Amadodana kaNdunankulu kuthiwa aphathwa ntofontofo ngamaGupta

2017-06-05 12:32

Johannesburg - Umndeni wakwaGupta usolwa ngokusaphaza izimali ngokwenzela izinto eziwubukhazikhazi amadodana kaNdunankulu waseFree State, u-Ace Magashule.

Ngemuva kwalokhu, enye yamadodana yavula iminyango ehhovisi likaMagashule, nalapho kubonakala sengathi abasebenzi bakhona benza umsebenzi wokufunela amaGupta amathenda.

Ama-#GuptaLeaks akhombisa ukuthi amadodana kaMagashule aqeqeshwa ngendlela efanayo nale okuthiwa kwaqeqeshwa ngayo uDuduzane Zuma (indodana kaMengameli Jacob Zuma) ukuze abe ngumxhumanisi wamaGupta. Kubika AMABHUNGANE neSCORPIO.

Abasebenzi bakaMagashule bamema ngokusemthethweni isikhulu esiphezulu esingusopolitiki eNdiya ukuba size eNingizimu Afrika ngokucelwa umuntu osebenzisana namaGupta. Indodana yakhe, uTshepiso "Gift" Magashule, yabe isidlulisela lokhu kuxhumana kuTony Gupta, amaBhungane abike kanjalo.

Lokhu kuvele kwinqwaba yemiyalezo yama-email eputshukile, nesiyaziwa ngama-#GuptaLeaks.

Ehhotela laseNdiya ngonyaka ka-2012, umsebenzi wayebeka esithombeni ozakwabo ngomyalezo we-email ngokufika okwasekuseduze kukaRajesh "Tony" Gupta kanye nethimba laseFree State, wachaza izinsizwa zakwaGupta ngokuthi “ziyaziwa ngempilo yama-billionaire kanye nomnyango ovulekile wokufinyelela emazingeni aphezulu kahulumeni okubalwa noMengameli Jacob Zuma”.

OLUNYE UDABA:I-SACP ithi uZuma nendodana yakhe badayisa ngezwe

Owayephelezela leli thimba ukuya eNdiya kwaba uMosebenzi Zwane nowayesezoba uNgqongqoshe wezokuMbiwa Phansi. Ngaleso sikhathi wayenguNgqongqoshe wezoLimo eFree State.

Imibhalo kanye nama-email kukhombisa ukuthi indodana kaMagashule, uTshepiso, yaqala ukusebenzela amaGupta njeConsultant ngoNovemba 2010, ngemuva konyaka uDuduzane afakwa kumaGupta.

Ama-#GuptaLeaks akhombisa ukuthi uDuduzane, nowayengumqondisi ezinkampanini eziningi zakwaGupta, wayehola u-R300 000 ngenyanga ngoMashi 2015, ekubeni uTshepiso, owayengumqondisi enkampanini eyodwa yamaGupta yena wayehola u-R90 000 ngenyanga.

UTshepiso kanye noDuduzane bajoyina izinsizwa zakwaGupta, u-Ajay, uRajesh, Atul kanye nemindeni yabo eholidini lezinsuku ezintathu eNew York City kanye naseVenice, e-Italy.

Imiyalezo yama-email iphinde ikhombise ukuthi uTshepiso wacelela ufefe iqembu elibusayo ukuze amalungu alo ezothengelwa i-airtime amaGupta ngaphambi kokhetho lwangonyaka ka-2014.

Eminye imiyalezo ikhombisa ukuthi uTshepiso wathola ukusizwa amaGupta, okubalwa nokubolekwa imali engu-80 000 wamarandi.

Umfowabo, uThato Magashule, naye kusolwa ukuthi wahlomula. Ama-email akhombisa ukuthi lezi zelamani zavakashela eDubai ngoDisemba 2015 nalapho bahlala khona izinsuku ezingu-8 ehhotela eliwubukhazikhazi, i-Oberoi Hotel. Kuphinde kuvele nokuthi laba babebhukhelwa izindiza zomtakabani.

UZwane akayiphendulanga imibuzo yamaBhungane.

Okhulumela uMagashule uthe uhulumeni waseFree State kanye noNdunankulu angeke baze baphendule kuze kube oKlebe baphothula uphenyo ngobuqiniso balama-email.

Ummeli wamaGupta, uGert van der Merwe, uthe angeke akwazi ukuphawula ngemiyalezo angenayo futhi angazi ukuthi ivela kuphi.

Funda lapha ukuthola udaba oluphelele.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.