#GuptaLeaks: 'AmaGupta' ahlela ukuthenga amaphephandaba amakhulu kuleli

2017-06-07 12:32

Ukuba nephephandaba labo kanye nesiteshi sikamabonakude kwakuseyisiqalo nje kuphela ezinhlelweni zomndeni wabakwaGupta. Imiyalezo yama-emaisl eputshukile ikhombisa ukuthi lo mndeni wawunethemba lokwakha isikhondlakhondla senkampani yezindaba lapha eNingizimu Afrika  - futhi ngokwenza njalo, kunesikhathi lapho bake bacabanga ukuthenga iMail & Gaurdian, ingxenye ye-Independent Media, kanye nePrimedia. Ukhiye, ngendlela ababebona ngayo, kwakuwukuthi bahlomule kwezinye zezikhangiso ezikhokha imali enkulu zikahulumeni nabebelokhu begixabezwa ngazo ezinkampanini zabo zezindaba – ngenxa yezindaba ezeseka uhulumeni.

Imiyalezo yama-Email s ayesihloko sithi ‘Project M’, ngasekuqaleni kukaJanuwari 2016, iyona eyayisetshenziswa abakwaGupta ukuqhuba izingxoxo zokuthenga iMail & Guardian. Njengoba kubike iThe Times ngoMsombuluko, amaGupta ayehlose ukuthenga leli phephandaba ukuze ashintshe indlela elibika ngayo, bese litusa kakhulu uhulumeni, uZuma, amaGupta, bese ngalokho ligixabezwa ngenqwaba yezinkontileka zezikhangiso zikahulumeni.

Kodwa-ke iMail & Guardian akusiyo kuphela inkampani yabezindaba abakwaGupta ababeyigaqele.

Kwaba iPrimedia – inkampani ephethe imisakazo okubalwa kuyo i-702 kanye neCape Talk; i-Eyewitness News (i-website yezindaba); kanye neSter-Kinekor (inkampani yama-cinema) – nokuyiyona (iPrimedia) abakwaGupta abayichaza “njengobucwebe emklomelweni”.

OLUNYE UDABA: AbakwaGupta kubathathe izinyanga ukukhokhela izindleko zomshado 'wezimanga'

Emyalezweni owathunyelelwa uTony Gupta ngomhlaka-3 kuDisemba 2014, uVim Rajbansi, we-Oakbay, wamemezela ukuthi “Siyayifunda iPrimedia… sesiqalile ukubaletha etafuleni ukuze kuxoxwe. Sesenze ukuhlolwa kwezimali okusezingeni eliphezulu enkampanini.”

Kodwa-ke iCEO yePrimedia, uRoger Jardine, uphike wama ngentaba ukuthi bake baba nezingxoxo namaGupta ukuze kudayiswe iPrimedia.

Kodwa-ke abakwaGupta abazange baliphonse ithawula njengoba babe sebeqhubekela phambili nemizabo yokuthenga i-Independent Media, nokuyinkampani eshicilela amaphephandaba angu-18 eNingizimu Afrika.

Ngaphambilini ngezikhathi ezimnandi, abakwaGupta babenobudlelwano obuhle no-Iqbal Surve, uSihlalo wenkampani ephethe i-Independent Media, iSekunjalo.

Kodwa-ke izinto zaqala ukuba muncu ngemuva kokuthi uSurve aqala izingxoxo zokuthenga i-Independent Media ngo-2012. Njengoba amaBhungane ake abika ngaphambilini, uSurve waphakamisa ukunikeza amaGupta ingxenye ethile yenkampani (amasheya) enombandela engxenyeni yakhe eyayingu-27.5% we-Independent Media – nokwakuzoba yingxenye enkulu okunengxenye kaSurve.

Kulokhu, amaGupta wona ayezoba esethola ilungelo lokuqoka abahleli (editors) bamaphephandaba okubalwa kuwo iCape Times kanye neThe Star. Lokhu kuqinisekiswe yimibiko eputshukile yama-emails. AmaGupta ake azama ukuzithengela i-Independent Media ngokwawo kodwa achithwa.

Funda udaba oluphelele lapha.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.