#GuptaLeaks: Okwathunyelwa i-CV yakhe kwabakwaGupta wagixabezwa ngesikhundla kwa-Eskom

2017-06-14 11:00

Johannesburg - Esikhathini esiyisonto iCV yakhe ithunyelwe kwabakwaGupta, osiza lo mndeni uSalim Essa wagixabezwa ngesikhundla esiphezulu kwa-Eskom. Ngemuva kwalokho imali ibilokhu ingena ingenile kwabakwaGupta.

Kwezinye izimpawu zokulawula kwabakwaGupta ukuthi obani abaqokwa emabhizinisini kahulumeni, ama-#GuptaLeaks akhombisa ukuthi bathunyelelwa iCV kaCollin Matjila esikhathini esincane ngaphambi kokuba aqokwe njenge-CEO yakwa-Eskom ngonyaka ka-2014. Ngemuva kokuqokwa kukaMatjila, iTNA Media yabe isigixabezwa ngezivumelwano zezimali ezishisiwe yile nkampani ephehla ugesi.

NgoMashi 22, kunyaka ka-2014, osondelene nomndeni wakwaGupta, uSalim Essa, wadlulisa iCV kaMatjila kwenye yezinsizwa zakwaGupta, uRajesh, nowaziwa kakhulu ngelikaTony, kanye nomshana wakhe, uSrikant Singhala, oyindodana ka-Atul Gupta.

Le CV yabe isidluliselwa esisebenzini senkampani yabakwaGupta, iSahara Computers kanye noDuduzane Zuma – indodana kaMengameli Jacob Zuma futhi ephinde ibe ngumlingani kwezamabhizini nabakwaGupta.

OLUNYE UDABA: #GuptaLeaks: 'AmaGupta' ahlela ukuthenga amaphephandaba amakhulu kuleli

Ngasekupheleni kwaleyo nyanga uMatjila, nowayelokhu esebhodini lakwa-Eskom kusukela ngonyaka ka-2011, wangena esikhaleni sikaBrian Dames njenge-CEO esabambile. Isikhathi esincane nje eqokiwe sayisiza kakhulu inkampani yabakwaGupta, iTNA Media, nokuyiyona eshicilela iphephandaba elaziwa kakhulu ngokweseka uhulumeni, iThe New Age.

Ngo-OKthoba 2014, amaBhungane abika ukuthi “uMatjila kusolwa ukuthi washaya indiva izeluleko zomthetho zangaphakathi wabe esegunyaza isabelomali sika-R43-million wokuxhasa izidlo zasekuseni zamabhizinisi zeNew Age”.

Lezi zidlo zasekuseni, manje esezinqanyuliwe yiSABC, zazihlale zisakazwa bukhoma kodwa izindleko zithwalwe yiSABC, bese iTNA Media yona ithathe inzuzo. Kuzo kwakuvamise ukuthi kumenywe osopolitiki abadumile, okubalwa kubo noMengameli Jacob Zuma.

Le micimbi yayivamise ukuthola ukuxhaswa ngezimali ezinkulu yizinkampani zikahulumeni, nalapho abanye bongoti bethi yikhona okwakusiza leli phephandaba elidonsa kanzima ukuthi liqhubeke nokusebenza.

Funda udaba oluphelele lapha.


Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.