‘Hlukanani noZuma, sifuna elinye ihlandla’, kusho abalandeli be-ANC

2017-01-09 11:31

Johannesburg – Amanye amalungu eqembu elibusayo, i-ANC, abephume ngobuningi ukuzogubha iminyaka engu-105th kwasungulwa i-ANC athi afuna kuphele nya ukuhlaselwa kwaMengameli Jacob Zuma, futhi afuna ukuthi aphinde athathe ihlandla lesithathu.

ULennox Ntsoto, waseHermanus, eWestern Cape, ubegqoke isikibha ebesibhalwe ngesiNgisi ukuthi “Hlukanani nomkhul’uZuma ongumkhululi”. Yena kanye nabanye besifazane abathathu bebephethe noqwembe ebelibhalwe ukuthi “uZuma kuze kube u-19 (unyaka ka-2019)”.

OLUNYE UDABA: UGordhan ‘udansela isiginci’ seDA ‘nongxiwankulu’ – PPF

UNsoto ukhulume ngemuva kokuthi uZuma ethule inkulumo kwizethameli enkundleni yezemidlalo, i-Orlando Stadium, eSoweto, nalapho ethe labo abahlasela uZuma bamenza ukuthi aqine kakhulu.

“Silapha ukuzokweseka uMengameli futhi sisho ukuthi simeseka ngokugcwele. Konke lokhu kuhlaselwa kwakhe kuzomenza aqine kakhulu. Ungumengameli wethu… yithina esamvotela, ngakho asinandaba ukuthi i-EFF ithini, ukuthi iDA ithini,” kusho lomlandeli.

Uphinde wancoma uZuma ngokuthi ugxile ekuthuthukiseni izwe nokukhathalela abantu. Uthi uZuma uyena olandela ezinyathelweni zikaNelson Mandela, hhayi uThabo Mbeki, athe akazi ukuthi wabenzelani abantu.

UNtsoto uphinde wazwakalisa ukweseka lowo owake waba ngunkosikazi kaMengameli Zuma, uNkosazana Dlamini-Zuma ukuba athathe izintambo kuZuma njengoMengameli we-ANC.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.