Holomisa: Amalungu e-ANC kumele acabangele abantu bakuleli uma esevota

2017-08-07 11:02

Johannesburg – Njengoba sekusele usuku kuvotwe ngesiphakamiso sokungethenjwa kobuholi bukaMengameli Jacob Zuma, amalungu e-African National Congress (ANC) ePhalamende anxuswe ukuba acabangele izwe uma esethatha isinqumo ngendlela azovota ngawo, noma ngabe kuyimfihlo noma kuvulelekile.

I-United Democratic Movement (UDM) ithi uma uSomlomo wePhalamende uBaleka Mbete enqaba ukuba kuvotwe ngokuyimfihlo ngeke isiphikise isinqumo sakhe, kodwa i-Economic Freedom Fighters (EFF) yona ithi izobabela enkantolo.

Isiphakamiso sizoba ngoLwesibili ePhalamende. UMbete isinqumo sakhe ngendlela yokuvota silindeleke ngoMsombuluko ntambama.

OLUNYE UDABA: Livulelwe icala iphini likaNgqongqoshe

Umholi we-UDM uBantu Holomisa uthi amalungu e-ANC ePhalamende kumele acabangele abantu baseNingizimu Afrika uma esevota.

Kodwa uMkhonto we Sizwe Military Veterans Association (MKMVA) uthi ufuna aqondiswe izigwegwe amalughu e-ANC ePhalamende azovota ngokuhambisana nesiphakamiso.

Uthi amalungu e-ANC ePhalamende awazimele ePhalamende, ngakho kumele enze lokho akuthunywe yinhlangano ngoLwesibili.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.