I-Ajax isisayine umdlali omusha

2017-01-27 14:31

Cape Town – I-Ajax Cape Town isiqinise isikwadi sayo ngaphambi kokuba kuqhubeke ingxenye yesibili yesizini ngokusayina umdlali ogijima esiswini eqenjini laseZambia, iZanaco, u-Aubrey Funga.

UFunga uselandele ezinyathelweni zomunye uzakwabo eqenjini, uRodrick Kabwe, ngemuva kokusayina nama-Urban Warriors kulandela ukuchitha isikhashana naleli qembu elizinze eKapa ngaphansi kweso lomqeqeshi, uStanley Menzo.

OLUNYE UDABA:UBenni uthi uyawufuna owokuqeqesha iPirates

Lo mdlali oneminyaka engu-26 ubudala, washaya amagoli angu-12 emidlalweni engu-36 emiqhudelwaneni kanti wahola iqembu lakhe ukuze liwine isicoco seligi sesi-7 ngonyaka ka-2016 kanti usezwakalise ukujabula ngokujoyina i-Ajax.

“Ngifuna ukuba yimina, ngidlale njengoba ngenza kuZanaco, ngingumshayi magoli kanye nomakhi wamagoli; lokho sekusize wonke amaqembu esengiwadlalelile futhi ngicabanga ukuthi lokho kuzophinde kusize – lawo amava angakufaka kunoma yiliphi iqembu,” uFunga utshele i-website yale kilabhu.

“Ikilabhu, abaphathi kanye nabalandeli babheke lolo hlobo lwamava futhi ngicabanga ukuthi ngizoba ukwengeza okuhle eqenjini.”

UFunga uzobe ebheke ukuthola isikimu uma ngabe ama-Urban Warriors esebhekene neBidvest Wits, eBidvest Stadium, mhlaka-7 kuFebhuwari. 

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.