I-Al Ahly ithi ingamampunge eyokubuyela kukaMahlambi kuleli

2018-01-26 19:33

Cape Town - Izinkunzi zaseGibhithe i-Al Ahly ziwaphebezile amahlebezi athi umdlali owayegijima kwiBidvest Wits uPhakamani Mahlambi angase abuyele kwi-Absa Premiership.

UMahlambi wajoyina leli qembu eselake lahlabana kayisishiyagalombili ne-CAF Champions League ngoSepthemba, kepha usadlale imidlalo eyisikhombisa nje kuphela kule kilabhu yakhe entsha.

OLUNYE UDABA: I-Al Ahly isifuna isilomo seSundowns - Umbiko

Lowo obhekelele izindaba zalo mdlali oneminyaka engu-20 ubudala, uGlyn Binkin, usanda kukhuluma ngokuthi kungenzeka ukuthi lo mdlali abolekiswe kanti amahlebezi abemkhomba kwiMamelodi Sundowns ne-Orlando Pirates.

Kepha ngokusho komqondisi webhola kwi-Al Ahly, le kilabhu ayizimisele ngokubolekisa ngoMahlambi.

"Udaba lukaPhakamani luvaliwe. Uzoqhubeka nokuhlala nathi," kusho u-Abdel Hafeez etshela i-On Sport TV ngemuva kokuthi leli qembu lishaye ngo-3-1 i-Al Ragaa ngoLwesine.

UMahlambi wajoyina i-Al Ahly ngenkontileka yeminyaka emine esuka kompetha be-PSL iWits.

UMahlambi ubengumdlali wokuqala waseNingizimu Afrika ukuyodlala esigabeni esiphezulu eGibhithe.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.