Mbombela - USomlomo wePhalamende uBaleka Mbete utshele abalandeli emcimbini we-ANC wokugubha iminyaka engu-105 eMbombela ngempelasonto ukuthi "i-ANC ayikhohlakele".
Ekhuluma ngeSonto phambi kwabantu abebegcwele eMbombela Stadium uthe labo abagcwle inkohlakalo abasiwoamalungu e-African National Congress.
"I-ANC ayigcwele neze inkohlakalo," kusho uMbete etshekla inqwaba yabantu.
OLUNYE UDABA: 'Laba abagxeka i-ANC banezimfihlo esizozidalula ngokuhamba kwesikhathi'
"Asinawo umgomo wenkohlakalo kuKhongolose. Labo abakhohlakele, abeba imali kuhulumeni basuke bengathunyiwe yinhlangano."
UMbete unxuse amalungu e-ANC eMpumalanga ukuba aqhubeke ahlale eyisibonelo esihle, ngisho ezweni lonke.
UNdunaklulu waseMpumalanga uDavid Mabuza ulandele inkulumo kaMbete wathi inhlangano izobabuyisa bonke abayishiya.
"Sibazi bonke abantu abalahleka futhi siyabazi ukuthi bakuphi. Sizobabuyisa bonke, ngamunye ngamunye, ngoba yiyona ndlela yokubuyisa isithunzi kule nhlangano," kusho uMabuza.
Uthe amalungu kufanele ayeke ukulwisana wodwa kodwa alwisane nokubuyisa isithunzi se-ANC.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela IzindabaNews24 kuTwitter