I-ANC ayithi vu ngolukaZuma ngaphambi komhlangano we-NEC

2018-03-24 08:23

Johannesburg - UNobhala Jikelele we-ANC u-Ace Magashule akafunanga ukuphawula ngokuthi ngabe izodingidwa yini ekalowo owayengumengameli uJacob Zuma uma sekuhlangana i-National executive committee (NEC) ye-ANC eKapa ngempelasonto.

UZuma ubhekene nempi entsha yokushushiswa enkantolo, kanti amaqembu ezombusazwe ababele enkantolo ngenhloso yokumphoqa ukuba akhokhe u-R15.3m owasetshenziswa ecaleni lakhe lenkohlakalo.

La maqembu afuna futhi ukuthi uMbuso ungalikhokheli leli cala elisha elizoqala.

IHhovisi likaMengameli Cyril Ramaphosa lithe lizocubungula lezi ziphakamiso zamaqembu aphikisayo ngaphambi kokuphuma nesinqumo sokuthi ngabe lizoziphonselela inselelo noma cha.

OLUNYE UDABA: UNkosazana Dlamini-Zuma watshela i-ANC ukuthi akaphume esikhundleni uZuma - Umbiko

"Cha, okwamanje sizobe sibuyekeza izindaba ezithinta ipolitiki ngakho angikwazi ukuqagula okunye," kusho uMagashule etshela izintatheli ngaphandle kwaseProtea Fire & Ice Hotel, eKapa, ngesikhathi ebuzwa ukuthi ngabe izodingidwa yini ekaZuma kulo mhlangano kanjalo nezigigaba eziqhubekayo eSouth African Revenue Service (SARS).

Inhloko yakwa-SARS uTom Moyane, okukholakala ukuthi ungumlandeli omkhulu kaZuma, wamiswa emsebenzini ngoMsombuluko njengoba ebhekene nokuqondiswa kwezigwegwe.

Ebuzwa ukuthi ngabe uZuma uzoqhubeka na nokukhankasela i-ANC njengoba iNational Prosecuting Authority isinqume ukumbeka amacala kabusha, uMagashule uthe: "Sinikezeni isikhala sokwenza lokho, kepha njengoba sasho ngaphambilini ukuthi uZuma noKgalema Motlanthe kumele bathole into abangayenza kwi-ANC, sizobheka ukuthi yini abangayenza."

Lo mhlangano uzogxila kakhulu okhethweni lukazwelonke luka-2019, ukulungisa umhlahlandlela, ukuxoxisana nomphakathi nokuqala kabusha, kusho uMagashule.

 

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.