I-ANC e-KZN ifake isicelo sokuphikisa isinqumo senkantolo

2017-09-28 16:01

Durban - Inhlangano i-ANC in KwaZulu-Natal ikuqinisekisile ukuthi izosiphikisa isinqumo seNkantolo eNkulu yaseMgungundlovu ngodaba oluthinta ukhetho lwango-2015.

Ikomidi elikhulu kulesi sifundazwe lithi belilinde ukuba nezingxoxo nobuholi bukazwelonke ngaphambi kokuthatha isinqumo.

Ngesonto eledlule, ikomidi eliphezulu lika-ANC kuzwelonke lithe lilinde umbono wezazi zezomthetho ngaphambi kokuqhubekela phambili nokuphikisa isinqumo senkantolo.

Inkantolo eNkulu yanquma ukuba inkomfa le eyakhetha uSihle Zikalala njengosihlalo ehlula uSenzo Mchunu yayingekho emthethweni, kodwa ikomidi eliphezuu kulesi sifundazwe likholwa wukuthi enye inkantolo ingafinyelela kwesinye isinqumo esihlukile.

OLUNYE UDABA:I-ANC izoqondisa izigwegwe amaLungu ePhalamende avotele ‘ukuketula’ uZuma

"Ngingakuqinisekisa ukuthi ikomidi eliphezulu liwafakile amaphepha enkantolo okuphikisa isinqumo senkantolo," kusho okhulumela i-ANC kulesi sifundazwe uMdumiseni Ntuli.

Ubuye wawaphikisa amahlebezi athi leli komidi selihlakaziwe.

"Ngamampunge lawo," kusho yena ephawula ngesimo saleli komidi.

Ngesonto eledlule uNobhala Jikelele we-ANC, uGwede Mantashe, wathi uKhongolose ufuna ukuqale ubhunge nabameli ukuze ubone ukuthi ngabe uyasidlulisa yini isinqumo senkantolo noma cha.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.