I-ANC eFree State igxeke uTrevor Manuel

2018-04-09 16:01

Johannesburg – I-ANC eFree State isiziphindiselile kulowo owayengungqongqoshe wezimali uTrevor Manuel ngokusebenzisa inkonzo yokukhumbula uWinnie Madikizela-Mandela ongasekho emhlabeni, ukusola uNobhala Jikelele we-ANC ngenkohlakalo.

Inhlangano ngoMsombuluko izichithile izinsolo ezithi izigidi zamarandi okwakumele kwakhiwe ngazo isigcinamagugu sikaWinnie Madikizela-Mandela eBrandfort zaxhashazwa.

Enkulumeni yakhe kuleli, uManuel ugxeke uMagashule, okuphikile ukuthi imali yasetshenziselwa ezinye izinto.

OLUNYE UDABA: I-SACP ithi ngeke iyikhankasele i-ANC kukhona uZuma

"Kuyishwa futhi kungubudedengu ukuba uTrevor Manuel asebenzise inkonzo yesikhumbuzo ukulwa izimpi zepolitiki, aphinde asole uNobhala Jikelele we-ANC ngenkohlakalo bungekho ubufakazi.

“Lokhu ukwenze ngenhloso futhi kungadala uqhekeko njengoba kufana nokudelela umbono wokwakha ubumbano. Sicela iLuthuli House ingenelele ifake uTrevor Manuel endleleni," kusho owe-ANC eFree State uWilliam Bulwane kwenye yezinkonzo zesikhumbuzo sikaMama Winnie.

I-ANC eFree State ikholelwa ukuthi isigcinamagugu sizobe sesiphothuliwe ngoMashi 2019.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.