I-ANC eGauteng ifuna luphele udlame lwabamatekisi nabe-Uber

2017-09-08 14:00

Johannesburg – I-African National Congress esifundazweni iGauteng sifuna luphele udlame phakathi bananikazi bama-metered taxi kanye nabe-Uber.

Le nhlangano isho lokhu ngesitatimende esikhishwe ngoLwesihlanu ekuseni kulandela isigameko sangoLwesine ebusuku lapho kushishwe khona izimoto ezintathu eSandton.

“Sinxusa iziphathimandla zezomthetho ukuba ziqinise ezokuphepha ikakhulukazi ezindaweni lapho kusebenzela khona la matekisi,” kusho uMatalatale Modiba okhulumela le nhlangano.

OLUNYE UDABA:BUKA: Basinde ngokulambisa abashayeli bezimoto ezishiswe eSandton

NgoLwesine ebusuku, amaphoyisa aphuthume edolobheni eSandton lapho kushiswe khona izimoto ezimbili zabashayeli be-Uber kanye ne-Taxify, kwabuye kwashiswa neyodwa eyi-metered taxi.

Okhulumela amaphoyisa kulesi sifudazwe uCaptain Mavela Masondo uthe abashayeli bakwazile ukuphunyuka kulokhu ngaphandle kokulimala.

Kuthiwa abashayeli be-Uber ne-Taxify bebehleli ezimotweni zabo ngesikhathi behlaselwa yiqulu lamadoda afike athela izimoto zabo ngophethiloli azokhela ngomlilo.

UNgqongqoshe wezokuThutha kuleli uJoe Maswanganyi ulugxeke kakhulu lolu dlame, ukushiswa kwezimoto kanye nokusatshiswa kwabashayeli.

UMaswanganyi uthe uzoqiniswa umthetho lapho okusebenzela khona la matekisi ukuqinisekisa ezokuphepha kwabashayeli kanye nabagibeli.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.