Durban - UKhongolose wethule amalungu amasha amabili okuthiwa apuma kwi-Inkatha Freedom Party (IFP), athethiselwe ukushisa ifulegi le=IFP nezikibha zayo eShowe eKing Dinizulu Stadium KwaZulu-Natal.
Bashise le mpahla phambi kwabaholi beqembu esifundazweni nakwisiFunda, belindele ukushayelwa ihlombe ngesenzo kulabo abebebukele.
OLUNYE UDABA: I-ANC ithi iyazwelana ne-NFP kodwa...
Yize kunjalo uSihlalo we-ANC wesiFunda saseMusa Dladla, uNonhle Mkhulisi ulithethisile leliqeqebana labantu wathi kusafanele bahlale isikhathi esinganezinyanga eziyisithupha befunda noma bezijwayeza.
UMkhulisi ubengomunye wamalungu e-ANC amukele abantu abangu-200 okusolwa ukuthi bavela kwamanye amaqembu epolitiki kwisiFunda samasipala wasoThungulu, kubika i-SABC.
"Noma ngabe abantu balokhe beqhubeka nokujoyina i-ANC kodwa siyafuna ukuba lokho bakwenze ngenhlonipho. Asikweseki ukushiswa kwezikibha zamanye amaqembu epolitiki. Sifuna ukuthi bazikhumule kuphela, empeleni waqoqeni sizowabuyisela emaqenjini afanele kodwa eqinisweni ukuthi asikukhuthazi ukushiswa kwezikibha noma ngabe yini yamanye amaqembu aophilisayo," kusho uMkhulisi.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela IzindabaNews24 kuTwitter