I-ANC eKZN ayinavalo ngokuthi angase agudluzwe uZuma - Zikalala

2017-08-08 09:35

Durban – Isiphakamiso sokungethenjwa kobuholi bukaMengameli Zuma "kuhloswe ngaso ukugudluza uhulumeni we-ANC, owakhethwa ngabantu abangu-62% okhethweni", kusho uSihlalo we-ANC eKZN uSihle Zikalala ngoMsombuluko.

UZikalala ubekhuluma emhlanganweni wekomidi eliphezulu le-ANC esifundazweni (PEC) eThekwini ngaphambi kokudingidwa kwesiphakamiso ngoZuma ngoLwesibili.

"Kumele kucaciswe ukuthi abantu abakhetha i-ANC bakhetha i-ANC eholwa uZuma,” esho.

Isiphakamiso sokungethenjwa kobuholi bukaZuma asimele u-62% wabantu abavotela i-ANC, kusho uZikalala.

"Kuyasicacela ukuthi lento igqugquzelwa yizitha ezifuna ukubona kushintshwa uhulumeni ophethe,” kusho uZikalala.

Uthe i-ANC ngeke yatshelwa amaqembu aphikisayo ukuthi kumele ibhekane kanjani namalungu ayo.

UZikalala uphinde wakucacisa ukuthi yi-ANC eyakhethwa ngabantu ukuba ibasebenzele, ngakho awekho amalungu azimele ngokwawo ePhalamende.

OLUNYE UDABA: 'Amalungu e-ANC ngeke avotele ukugudluza uZuma'

UZikalala ukhulume nangalowo owayenguMengameli uThabo Mbeki ngesikhathi ethi abanye abantu eqenjini bakhethwa ukuba bahole, nakuba kwakwazeka ukuthi oyise babengabaholi benhlangano.

Uthe kwi-ANC amaqabane aphathwa ngendlela efanayo, hhayi ngokuthi asondelene nobani.

Uxwayise labo abathi uNkosazana Dlamini-Zuma akumele akhethwe ngoba wayeshade noMengameli Zuma.

"Ngesikhathi sikhetha uMengameli Thabo Mbeki, asizange sisho ukuthi uyindodana kaGovan Mbeki," kusho uZikalala.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.