I-ANC eKZN ichitha isiphakamiso sikaZuma ngamaSekela amabili

2017-07-25 19:30

Durban – USihlalo we-ANC KwaZulu-Natal, uSihle Zikalala, uthi iziphakamiso ezenzwiwe nguMengameli Jacob Zuma zokuthi lowo ongawinanga ekubeni ngumengameli okhethwni lwe-African National Congress abe ngelinye lamaSekela Mengameli amabili zingase zibhekane nezinselelo uma ngabe sezifika engqungqutheleni yokukhetha ubuholi kazwelonke ye-ANC ngoDisemba.

UZuma kulindeleke ukuba abeke phansi izintambo kuleli qembu eselineminyaka engu-105 ubudala uma ngabe selibambe le ngqungquthela yesi-54 selokhu lasungulwa. ISekela lakhe, uCyril Ramaphosa, kanye nalowo owabe engunkosikazi wakhe, uNkosazana Dlamini-Zuma, bathathwa njengabaphambili ukuthatheni izintambo kuMengameli Zuma.

OLUNYE UDABA: UMalema uzovakasha eKZN ngaphambi komgubho weqembu esifundazweni

UZikalala – ohlangane nezintatheli eBoksburg ngoMsombuluko kulandela umhlangano phakathi kobuholi be-ANC ezifundazweni ezimbili, iKwaZulu-Natal kanye neMpumalanga, uthe ukholwa ukuthi leli qembu lizosibhekisisa lesi siphakamiso sikaMengameli mayelana nengqungquthela elandelayo yokukhetha ubuholi ye-ANC.

“Angikholwa ukuthi izifundazwe kanye namagatsha aseluxoxile lolo daba ase afika kulesi siphetho,” kusho uZikalala.

UZuma wenza lesi siphakamiso enkulumweni yakhe yokuvala engqungqutheleni yenqubomgomo ye-ANC ebingoJuni njengendlela yokuzama ukuqeda ubuqembuqembu bangaphakathi, osebuhlasele leli qembu.

UZikalala uthi akakholwa ukuthi uKhongolose uzohlukana phakathi ngemuva kwale ngqungquthela yokukhetha ubuholi kazwelonke nebhekwe ngabomvu ngoDisemba. 

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.