I-ANC eKZN isikulungele ukuya okhethweni

2018-04-24 07:32

eThekwini -  Ubuholi be-ANC bugculisekile ngokuthi isifundazwe sakwaZulu-Natal nawo wonke amagatsha akhona akulungele ukuba nenkomfa yokhetho.

IKomidi elisebenzayo likaKhongolose belamukela imibiko kusukela kumagatsha alesi sifundazwe mayelana nokulungela inkomfa.

"Wonke umuntu uvumelana ngokuthi zonke izifunda sezikulungela ukuya kwinkomfa yokhetho. Sesilulungelo ukhetho futhi sijabulile ukuthi amagatsha asebenza ngokuzikhandla ukuqinisa ubumbano nokusebenza ngokubambisana,"kusho uNobhala kaKhongolose u-Ace Magashule.

OLUNYE UDABA:Bathi akayekwe phansi uZuma

UMagashule uvumile ukuthi zikhona zona izingqinamba ababhekene nazo kodwa bazokuhlabela mgama.

"Yebo zikhona izingqinamba ezikhona kodwa ngeke ziphele amandla. Ithimba lesifunda elisebenzayo, lisebenza ngokubambisana ukuqinisa ubumbano nokuyinto ezosihola ekutheni silunqobe ukhetho lwangonyaka ozayo,"kusho yena.


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.