I-ANC eKZN ithi idumele ngokuboshwa kowayo ngecala lesibhamu

2017-10-15 16:31

Durban - I-Africa National Congress (ANC) KwaZulu-Natal ithi idumele futhi ikhathazekile ngokuboshwa kwelungu eliphezulu lenhlangano eHarry Gwala ngokutholakala nesibhamu esingekho emthethweni.

Owesilisa uboshwe eMzimkhulu ngesikhathi kunezivimbagwaqo ngoMgqibelo ntambama.

Kulesi sifundazwe sekubulawe inqwaba yamalungu le-ANC ezinyangeni ezimbalwa ezedlule okubalwa kuwona noSindiso Magaqa, kanti futhi akukaboshwa muntu.

Okhulumela i-ANC esifundazweni, uMdumiseni Ntuli uthi umthetho kumele udlale indawo yawo ukuqinisekisa ukuthi buyenzeka ubulungiswa.

OLUNYE UDABA: Kusathungathwa abadubule babulala abantu eCubana

“Ilungu lekimidi eliphezulu esifundeni se-ANC iHarry Gwala siboshiwe ngecala lokutholakala nesibhamu esingekho emthethweni. Singakuqinisekisa ukuthi ungowe-ANC, ungumholi we-ANC esifundeni futhi ungunobhala weSACP.

“Ngesikhathi sizwa ngokuboshwa kwakhe, siqale sathi akukwazi ukuthi umholi we-ANC angatholakala nesibhamu esingekho emthethweni kodwa nakuba engowe-ANC akumele aphathwe ngendlela ehlukile ngabezomthetho,” kusho uNtuli.

UNtuli uphinde wathi i-ANC izolinda umthetho indlale indima yawo ngaphambi kokuba ithathe isinqumo ngekusasa lakhe enhlanganweni.

- SABC

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.