I-ANC eKZN ithi ngeke yaqagula ngembangela yokubulawa kwelinye ilungu layo

2018-01-19 11:01

Durban – I-ANC KwaZulu-Natal ithi ngeke iqagule ngembangela yokubulawa kwelinye ilungu layo ngoLwesithathu ebusuku, kodwa izolinda amaphoyisa aphothule uphenyo ngesigameko sokudubula.

USifiso Derrick Mlambo, 33, obengunobhala we-ANC egatsheni lase-Mpembeni, udutshulwe wabulawa ngabo-19:00, kusho okhulumela amaphoyisa uColonel Thembeka Mbhele ngoLwesine.

UTholi Gwala, ongunobhala wesifunda se-ANC iMusa Dladla, utshele iNews24 ukuthi ngeke baqagule ngembangela yokubulawa kukaMlambo.

"Ngeke saqagula ukuthi ukubulala kuhlobene nepolitiki yini, ngaphandle kokuthola ubufakazi. Sizolinda amaphoyisa aphothule uphenyo ngalolu daba,” esho.

OLUNYE UDABA: Amaphoyisa asola isandla semfene ngokushona kwephoyisa

UGwala uthe ubuholi be-ANC esifundeni buvakashele umndeni kaMlambo ngoLwesine ekuseni.

Ube esechaza uMlambo njengomholi obesebenzela kakhulu umphakathi.

Amaphoyisa athi uMlambo ubecelwe ngumuntu othize ukuba ahambise izimpahla endaweni yaseMpembeni ngesikhathi sesigameko.

"Kuthe esehlisa impahla, umuntu ongaziwa wavulela ngenhlamvu, wamdubula wafa,” kusho uMbhele.

Uthe ngemuva kwesigameko umsolwa ubaleke ngemoto endaweni.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.