I-ANC eNorth West ngeke ivotele ukukhipha uNdunankulu - Duarte

2018-04-19 09:35

Hartbeespoort – I-African National Congress (ANC) ithi inethemba lokuthi amalungu ayo esiShayamthetho saseNorth West ngeke aseseke isiphakamiso sokungabethembi ubuholi bukaNdunankulu Supra Mahumapelo, nakuba ubuholi benhlangano bubhekene nezinkinga.

Imizamo yokuketula uMahumapelo imisiwe kuleli sonto ngemuva kokuba i-Economic Freedom Fighters (EFF) ibabele enkantolo ukuphikisa isinqumo sikaSomlomo sokungavumi ukuba kuvotwe ngokuyimfihlo.

NgoLwesithathu, i-NWC ye-ANC esifundazweni ibenomhlangano ngenhloso yokudingida ukungaboni ngasolinye kwamalungu esigungu esiphezulu esifundazweni.

OLUNYE UDABA: UMalema usebonene noNgqongqoshe wamaPhoyisa kulandela ukusongelwa ngokubulawa

Iphini likanobhala jikelele we-ANC uJessie Duarte lithi ngaphandle kwelungu lesishayamthetho eligulayo uDuma Ndleleni, obengekho emhlanganweni, wonke amanye amalungu e-ANC eSishayamthetho athe ngeke avotele ukuba akhishwe uMahumapelo.

“Bakubeke kwacaca ukuthi ngeke bavote ngendlela efana neyamaqembu aphikisayo esiShayamthetho.”

Nakuba isiphakamiso se-EFF sizokwesekwa yi-DA basazodinga amavoti angu-8 kwangu-23 e-ANC ukuze isiphakamiso sokukhipha uMahumapelo siphumelele.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.