I-ANC idinga ‘ukuzinuka amakhwapha’ ngokuhlulwa eNquthu

2017-05-26 11:00

Cape Town – Sekuwumlando ukuthi iNkatha Freedom Party (IFP) inqobe ngamalengiso ukhetho lokuchibiyela obelubhekwe ngabomvu kuMasipala waseNquthu enyakatho neKwaZulu-Natal, nalapho iwine khona amawadi angu-14 kwangu-17.

Abavoti bakule ndawo, engaphansi koMzinyathi District Municipality bakhethe ukunikeza i-IFP amandla okuphinde ilawule iNquthu phezu komkhankaso obushisa phansi wabaholi abaphezulu be-ANC abebelokhu bengena bephuma kule ndawo. Kodwa-ke uKhongolose ugcine uthole amawadi amathathu nje kuphela.

INkatha iwine ngo-56.27% wamavoti nalapho iphinde yathola izihlalo ezingu-19 kwezingu-33 zomkhandlu waseNquthu kanti i-ANC yona ithole ezingu-10.

OLUNYE UDABA: UMBONO: 'AbaseNquthu badle amaphasela okudla base bavotela indlovu'

I-DA ithole izihlalo ezimbili kulo mkhandlu, iNFP yathola esisodwa kanye ne-EFF yathola esisodwa. Lokhu kusho ukuthi iNkatha izokwazi ukuziphathela lo masipala yodwa, ngaphandle kokubusa ngokubambisana nelinye iqembu.

Okhulumela i-ANC, uMdumiseni Ntuli, uthi leli qembu liyalwamukela ukhetho, wathi kodwa lokho akusho ukuthi ukhetho “belungenazo izinkinga nezinselelo”.

Ugxeke abalandeli be-IFP ngokuthi bebelokhu besabisa baphinde bahlukumeze abalandeli be-ANC.

“Siyayemukela imiphumela yokhetho lokuchibiyela njengeqondile, phezu kokukhathazeka kwethu,” usho kanje nalapho ephinde wabongela khona i-IFP ngokunqoba.

UNtuli uqhube wathi i-ANC ikuqaphelile ukuthi igqemeke ingozi ngokulahlekelwa amanye amawadi ebiwawine ngo-Agasti odlule, wathi lokhu kudinga ukuthi “bazinuke amakhwapha”.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.