I-ANC igxeke iPhini likaNgqongqoshe elisolwa ngokushaya

2017-08-07 11:09

Johannesburg – I-ANC inxuse amaphoyisa ukuba aphenye ngezinsolo zokushaya okunukwa ngazo iPhini likaNgqongqoshe weMfundo ePhakeme uMduduzi Manana.

UManana usolwa ngokuba yingxenye yabantu besilisa abakhahlele bashaya ngequpha abesifazane abathathu endaweni yobumnandi eGoli ekuseni ngeSonto.

Kuvulwe icala lokushaya esiteshini samaphoyisa eDouglasdale.

I-ANC ithi kumele kwenziwe uphenyo ngaphandle kokuchema noma ukwenzelela, yaphinde yasichaza njengesingamukelekile isenzo sikaManana.

OLUNYE UDABA: Livulelwe icala lokushaya owesifazane iPhini likaNgqongqoshe 

I-ANC ithi isenzo sokuhlaselwa kwabesifazane, noma ngabe senziwe ngubani, siyihlazo.

Okhulumela i-ANC uZizi Kodwa ngesikhathi ekhuluma nabe-eNCA ekuseni ngoMsombuluko, uthe kuze kube manje bayehluleka ukuxhumana noManana.

I-ANC Women's League ithi iyalugxeka udlame olubhekiswe kwabesifazane futhi kumele abenzi bokubi babhekane nengalo yomthetho.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.