I-ANC igxeke uMadonsela ngombiko wezizumbulu ezakhokhelwa u-Absa

2017-01-18 11:31

Johannesburg – Iqembu elibusayo, i-ANC, lifuna kukhishwe umbiko woMvikeli woMphakathi ngezinsolo zokuthi ibhange i-Absa, yatakulwa ngezigidigidi zamarandi nguhulumeni wangesikhathi sobandlululo.

Leli qembu liphinde lagxeka kakhulu lowo obenguMvikeli woMphakathi, uThuli Madonsela, ngokuthi angawukhiphi lo mbiko ngesikhathi esekulesi sikhundla, lathi lokhu kuqinisa kakhulu lo mbono wokuthi ubejaha kuphela amacala abhekene neqembu elibusayo.

OLUNYE UDABA: Sekuchazwe njengokudelela okwenziwe uMvikeli woMphakathi omusha

UNobhala Jikelele we-ANC, uGwede Mantashe, uqhathanise indlela uMadonsela asingathe ngayo umbiko wezizumbulu okwatakulwa ngazo u-Absa kanye nombiko wokulawulwa koMbuso nowaziwa ngeState of Capture, wathi lo wokulawulwa koMbuso wawenza ngokuxhamazela ekubeni lo othinta ibhange ahluleka ukuwukhipha.

“Ngilalele uMvikeli woMphakathi wangaphambilini obesezinhlungwini echaza ukuthi wawubhala kanjani lowo mbiko kanye nokunye.

“Umbiko wabhalwa futhi awukaze ushicilelwe, leyo yinkinga. Lo mbiko wabhalwa [futhi] wagcinwa wase uyathukuswa, kodwa umbiko weState of Capture wabhalwa kuphuthunywa wabe usuyadedelwa,” kusho uMantashe.

NgoMsombuluko, uMadonsela unqabile ukuphendula umbuzo wokuthi ongene esikhundleni sakhe, uBusisiwe Mkhwebane, usekushintshile okuqukethwe kulo mbiko wesikhashana oputshuzwe yiphephandaba iMail & Guardian.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.