I-ANC igxibhe uMagashule ngokuphawula kwakhe ngoRamaphosa

2018-02-04 11:07

Johannesburg – UNobhala Jikelele we-ANC u-Ace Magashule uphekwe ngemibuzo emhlanganweni weNational Working Committee kulandela ukugadla ngeziphansi kumengameli wenhlangano uCyril Ramaphosa.

Imithombo engaphakathi ku-ANC itshele iCity Press ukuthi uMagashule watshelwa ngoMsombuluko ukuthi ukuphawula kwakhe KwaZulu-Natal ngempelasonto eyedlule kwakungenasidingo.

I-ANC isebenza ngokungakhathali ukuhlakaza ukuqembuka okukhona ngaphakathi, nokungase kubeke inhlangano engcupheni yokwehlukana.

Ekhuluma emcimbini we-ANC Youth League ngeSonto eledlule, uMagashule watshela abalandeli ukuthi kumele “behlezi bebheke emgomweni.”

“Yisikhathi esiyiminyaka emihlanu nje vo, maqabane. Ingqungquthela yokukhethwa kobuholi yenzeka njalo ngemuva kweminyaka emihlanu, ngakho kumele sisebenze kanzima.”

Lowo owayenguSihlalo we-African Union Commission uNkosazana Dlamini-Zuma nobhululu bakhe - oSihle Zikalala, uThanduxolo Sabelo noKwazi Mshengu – nabo babekhona kulo mbuthano.

Ukuphawula kukaMagashule kweza ngemuva kwezinsuku ezimbili oKlebe bagasela ehhovisi lakhe eliseFree State njengengxenye yophenyo mayelana neState capture.

Ngaphezu kwezinsolo zokuthi uMagashule nendodana yakhe babandakanyeka ezenzweni zenkohlakalo nomndeni wakwaGupta, kuphinde kwavela ukuthi indodakazi yakhe yenza u-R9m kwezebhizinisi ngosizo lwakhe.

 

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.