I-ANC inqobe ukhetho obelubhekwe ngabomvu ewadini

2017-02-02 16:17

Johannesburg – I-ANC isiphinde yazidlela amahlanga ngokugcina iwadi ebiyiphethe nebibhekwe ngamehlo abomvu ngamaqembu ezepolitiki kuMasipala iMetsimaholo, eFree State, kulandela ukhetho lokuchibiyela lwangoLwesithathu.

Lolu khetho lokuchibiyela belubanjwe kuWard 12 kulandela ukusula kwekhansela le-ANC.

Umphumela walolu khetho ushiye i-ANC inezihlalo ezingu-18, ilandelwa yi-DA nezihlalo ezingu-12, i-EFF yaba nezingu-8, iMetsimaholo Community Association (MCA) yathola ezintathu, kwase kwathi i-FF Plus yona yathola esisodwa. 

OLUNYE UDABA: Usesulile okhulumela i-ANC ephalamende

I-EFF ibinethemba elikhulu lokuthi izowina le wadi ukuze iqinise izinhlelo zayo zokuthi yenze lo masipala kube ngowokuqala ophethwe yileli qembu ngaphandle kokuthi ibambisane ne-DA.

Kuyimanje lo masipala uphethwe yi-DA kanye ne-MCA, besekelwa amavoti e-EFF.

Kodwa-ke izinto azihambi kahle njengoba i-EFF kanye ne-DA sebesola i-MCA ngokulala engubeni eyodwa ne-ANC, kanti sebefuna nokuketula iMeya uSello Hlasa nongumholi we-MCA.

Ngaphezu kwalokho i-ANC iphinde yahlwitha noWard 11 ku-DA kuMasipala iGeorge, eWestern Cape, kolunye ukhetho lokuchibiyela ngoLweisithathu.

“Abantu baseMetsimaholo bayichithile i-EFF enganasipiliyoni, ebinamathemba amakhulu okuwina iwadi,” kusho okhulumela i-ANC, uZizi Kodwa esitatimendeni.

UKodwa uphinde wangeza nokuthi i-ANC igcine uWard 3 kuMasipala Umzimvubu, e-Eastern Cape, kanye noWard 25 kumasipala iGeorge.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.