I-ANC inxusa ukuthula kulandela ukubulawa kwabantu e-KZN

2017-10-31 18:01

Durban - UKhongolose omaphakathi nesifundazwe iKwaZulu-Natal unxusa ukuthula embonini yamatekisi kulandela ukubulawa kwesikhulu samatekisi kanjalo nabanye abantu abangu-9 ngoLwesibili.

I-ANC isho kanje kulandela ukujutshwa kweProvincial Taxi Task Team ukuba iphenye ngalesi sigameko sokudutshulwa kubulawe abantu ngaphandle kwaseLadysmith.

Kukholakala ukuthi ukungaboni ngasolinye phakathi kosomatekisi yikho okuholele kulesi sibhicongo.

OLUNYE UDABA:Kushone 10 wabantu esigamekweni esihlobene 'nodlame lwabamatekisi' eKZN

Amaphoyisa ahlonze lo somatekisi obulewe njengeSekela likaSihlalo wenhlangano yamatekisi aseKlipriver.

"Njenge-ANC kulesi sifunda, sizwile ukuthi kunezinxushunxushu embonini yamatekisi. Nakuba singeke siziqonde izingqinamba ezibhekene nale mboni, kodwa njengabaholi bomphakathi sinomsebenzi wokunxusa ukuthi kube nokuthula," kusho uSipho Hlomuka onguNobhala jikele we-ANC oKhahlamba.

Okhulumela amaphoyisa, uColonel Thembeka Mbhele, uthe lesi sikhulu samatekisi besihamba ngeveni kuMatiwaneskop Road nabanye abantu abane ngesikhathi sihlaselwa ngabantu abebehamba ngezimoto ezimbili, bavulela ngenganono bebhekise ngakubo kwashona bonke abebesevenini.

"Izisulu zibe sezihluleka ukulawula imoto yayoshayisa itekisi okukholakala ukuthi ibithwele othisha, kwashona abahlanu kubo kwathi abanye balimala kanzima.

"Kuvulwe amadokodo amahlanu okubulala namahlanu okubulala ngokungenhloso esiteshini samaphoyisa ase-Elangslaagte ukuze kuzophenywa."

Uthe okwamanje imbangela yesigameko kuyaphenywa ngayo.

- SowetanLIVE

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts

Jobs in Cape Town [change area]

Jobs in Western Cape region

Reporting Accountant

Cape Town
Network Finance Professional / Prudential
R310 000.00 - R360 000.00 Per Year

IT Manager (contract)

Cape Town CBD
Communicate Cape Town IT
R330 000.00 - R458 000.00 Per Year

HSE Manager

Cape Town
Tumaini Consulting
R550 000.00 - R650 000.00 Per Year

Property [change area]

There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.