I-ANC iphakamise abesifazane kwezikandunankulu waseMpumalanga naseFree State

2018-03-14 16:02

Johannesburg - I-ANC isiphakamise amagama kaNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu eMpumalanga uRefilwe Mtsweni nalowo oyisekela likamengameli we-ANC Women's League uSisi Ntombela njengondunankulu beMpumalanga neFree State, ngokulandelana kwabo. 

UMtsweni ubeyibamba likandunankulu eMpumalanga. Ungene ezicathulweni zalowo obengundunankulu uDavid Mabuza, ngemuva kokuthi ekhethelwe kwesikasekela mengameli waseNingizimu Afrika.

UNtombela ubenguNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu eFree State. 

Okwamanje basaphakanyiselwe kulezi zikhundla, kuze kube isiShayamthetho siqinisekisa izikhundla zabo.

OLUNYE UDABA: I-ANC kumele ukhethe umengameli wesifazane - Sisulu

UNobhala Jikelele we-ANC u-Ace Magashule umemezele la magama ngoLwesithathu, kulandela umhlangano wesigungu esiphezulu senhlangano ngoMsombuluko.

Laba bazongena ezicathulweni zikaMabuza noMagashule.

I-ANC ike yathola ukugxekwa ngaphambilini ngokuhluleka ukubeka abantu besifazane ezikhundleni ezimqoka. Njengoba uKhongolose uphethe izifundazwe ezingu-8, ubemunye kuphela undunankulu wesifazane - uSylvia Lucas waseNorthern Cape. 

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.