I-ANC iphika izinsolo ngokugqugquzela umbhikisho onodlame

2018-03-29 12:30

Johannesburg - I-African National Congress (ANC) eWestern Cape iyaziphika izinsolo ezithi ilungu layo esiShayamthetho sesifundazwe, uCameron Dugmore, yilona ebeligqugquzela umbhikisho onodlame eHermanus.

Lokhu kulandela izinsolo ezenziwe umholi weDemocratic Alliance (DA) eWestern Cape uBonginkosi Madikizela osole uDugmore ngokugqugquzela umbhikisho.

Izakhiwo eziningi, okubalwa nesiteshi samaphoyisa esincane, kushiswe ngomlilo embhikishweni wokuthathwa komhlaba ezinsukwini ezedlule.

OLUNYE UDABA: I-EFF ne-UDM badube izingxoxo mayelana nolukaTrollip

Ibamba likasihlalo we-ANC esifundazweni, uKhaya Magaxa uthi: “Lezi zinsolo ezingenasisekelo ezenziwa yi-DA nge-ANC nangeqabane uDugmore yimizamo nje yokufihla ukwehluleka kwe-DA e-Overstrand.

Uthi i-ANC emikhankasweni yayo yonke ikubeka kucace ukuthi izokwenza izinto ngokulandela uMthethosisekelo nomthetho wezwe futhi kayihambisani nokuthathwa komhlaba ngodli.

- SABC

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.