I-ANC isabisa ngokunqamula ingqungquthela yayo yokubonisana

2017-06-07 18:00

Johannesburg – I-African National Congress (ANC) izoyinqamula ingqungquthela yayo eyisipesheli yokubonisana ngaphandle uma ngabe izingqalabutho zayo zivumelana ngokuthi izoba yingxenye yengqungquthela yaleli qembu yenqubomgomo ngasekupheleni kwale nyanga, uNobhala Jikelele weqembu, uGwede Mantashe, usho kanjalo.

“Uma bengazamukeli izinsuku ezimbili sizozinqamula izinsuku ezimbili bese siqhubeka nengqungquthela yenqubomgomo,” uMantashe utshele iNews24 ngoLwesibili.

Omakadebona be-ANC bafuna leli qembu libambe ngokwehlukana ingqungquthela yenqubomgomo kanye nengqungquthela yokubonisana. Ingqungquthela yokubonisana kuhloswe ngayo ukubhunga ngezindlela zokuqeda ukulahlekelwa kwaleli qembu ngabalandeli.

Emhlanganweni i-ANC ebe nawo nalabo ababengabaholi be-ANC ngoMgqibelo, bavuselele izimfuno zabo, uMantashe usho kanjalo.

OLUNYE UDABA: #GuptaLeaks: 'AmaGupta' ahlela ukuthenga amaphephandaba amakhulu kuleli

Iqeqebana lomakadebona bophiko lwe-ANC, uMkhonto we Sizwe (MK) ngoLwesibili  lithe angeke lube yingxenye yale ngqungquthela yenqumbomgomo. Bakhala ngokuthi ukuhlanganiswa kwengqungquthela yokubonisana neyenqubomgomo kuzobe kuwukumosha isikhathi futhi noma ngabe yiziphi izinqumo ezithathayo (ingqungquthela) angeke zibe nasisindo.

UMantashe uthi umkhandlu womakadebona umenyiwe emhlanganweni ukuzoxoxa ngengqungquthela kodwa akekho ofikile.

“Baya esithangamini sabezindaba ukumemezela into abangayixoxanga nathi,” kusho uMantashe ezwakala ukuthi unengekile.

Uthi abaholi beqembu bazohlangana nalabo ababengabaholi be-ANC ngoMgqibelo, wathi uma beqhubeka (omakadebona) nokuthi bafuna lezi zingqungquthela zihlukaniswe i-ANC izovele iyinqamule ingqungquthela yokubonisana, bese iqhubeka nengqungquthela yenqubomgomo. 

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.