I-ANC isebenzise imali engaphezu kuka-R1bn ikhankasa

2016-07-21 20:30

Cape Town – Amalungiselelo kanye nomkhankaso wokhetho okwenziwa yiqembu elibusayo i-African National Congress kudle imali engaphezulu kuka-R1bn.

UNomvula Mokonyane, oyinhloko yezokukhankasa ku-ANC uthe iqembu lisebenzise le mali ekubambeni imibuthano, ukuholela amavolontiya kanye nasekuthengeni izikibha.

Ubesho esePhilippi noMengameli Jacob Zuma.

Leli qembu lithe chithi saka lonke leli ligaya ivoti njengoba ususemnyango umhlaka-3 Agasti.

OLUNYE UDABA: I-DA ayihlukane nokweshela ngegama le-ANC

I-ANC isike yabhekana nezinkinga njengoba amanye amalungu ayo abengahambisani namagama abantu abaphakanyiselwe ukumela iqembu okhethweni.

“Abantu sebelandela umuntu manje, sebeyikhohliwe indaba yenhlangano,” kusho okhulumela iqembu uZizi Kodwa.

I-ANC izimisele ngokunqoba iGoli, okuyiwona mkhandlu obangwa kakhulu.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.