I-ANC isikhulule uMakhosi Khoza esikhundleni sakhe

2017-08-17 18:00

eKapa -  Ukungathembani phakathi kwamalungu e-ANC kanye noSihlalo wekomidi lokusebenza kukahulumeni ePhalamende, uMakhosi Khoza, yikho okwenze i-ANC imkhulule kulesi sikhundla.

Ekuqaleni kwaleli sonto, amalungu e-ANC awazange alubhade emhlanganweni waleli komidi ngenxa yokuthi uKhoza ubekhuluma esidlangalaleni enxenxa ukuthi aphume esikhundleni uMengamei uJacob Zuma.

UKhoza akazange akufihle futhi ukuthi uzovota "ngonembeza" uma sekuvotelwa uMengameli ngomhlaka-8 Agasti.

OLUNYE UDABA:Unkosikazi kaMengameli uxoxe ngokuthi uZuma wamshela kanjani

Lokhu kuvela ngemuva kokukuphuma kwesitatimende okuyiso esiveze lo myalelo kanti kuthiwa lesi sitatimende sikhishwe yiHhovisi likaSotswebhu we-ANC.

Lesi sinqumo silandela imizamo embalwa yale nhlangano yokunqanda ukuziphatha kukaKhoza.

Le nhlangano ithi isimazisile uKhoza ngalesi sinqumo kodwa uzoqhubeka nokuba yiLungu le-ANC ePhalamende kuze kuphele inqubo yokuqondiswa kwezigwegwe.

Abanye babafundi bethu baphendule kanje:

Thobani Bheki Jnr Sbal'khulu Bathathe isikhathi eside yazi. Kumele kumcacele uMakhosi Khoza udlala ngomlilo futhi uzosha kabuhlungu, ngithi liphume nobomvu.

Nkosinathi Ngqalane Uma kukhuluma umuntu ongaphakathi eqenjini kuveza ngokusobala ukuthi le nto kade eyisho iliqiniso, kodwa ke sizobona ukuthi inhlangano izogcina kuphi ngoba baningi abakhuluma bengamalungu abaxoshwa. U-Edward Zuma yena kwathiwa makaxolise nje ethuka amanye amalungu kaKhongolose, wena Gwede Mantashe uyayiqeda i-ANC sukela nje wabanguNobhala i-ANC iphila isezinkantolo. Kungcono ngisho amakhosi asemakhaya kunale nto engiyibonayo. Kuyinkinga ukuthanda umuntu ukudlula iqembu ngoba sekunje nje abantu sebaphenduka bathanda abantu ukudlula i-ANC.

Monwabisi Nel Makahambe naye ayovusa elakhe iqembu njengabanye okhwelecingweni. Angabashiyi laba abavote kanye naye. Viva Khongolose!

 - Twitter:


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.